Ilanga Lempelasonto

Udumele kuhoxiswa ingoma yakhe

Bathi basola ubudedengu bamasama ngalobu buhixihixi

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SIDUMELE isilomo sikadj ngokuhoxis­wa kwenye yezingoma zaso emncintisw­aneni wezindondo, isouth African Music Awards (SAMA).

I-recording Industry of South Africa (RISA), engabahlel­i bomcimbi wamasama, ozoba mhla ka-2 June, esun City, enorth West, lapho kuzoklonye­liswa abaculi nodj abanqobile, imemezele ukuhoxiswa kwezingoma i-lake By The Ocean kamobi Dixon ( osesithomb­eni), okuyingoma yaphesheya kwezilwand­le kodwa ayenze kabusha nengoma esihloko sithi Tigi kasands.

Kusolwa ubudedengu kubahleli bomcimbi ngokuhoxis­wa kwalezi zingoma ezimbili ezibe nedumela ngonyaka owedlule, okuthiwa zingene kungafanel­e kulo mncintiswa­no.

Ingoma kamobi Dixon ihoxiswe emunxeni webest Remix, kwathi ekasands yahoxiswa kowerecord of the

Year.

Isizathu esidalulwe ngaberisa esitatimen­deni abasi- khiphe izolo ekuseni siveze ukuthi lezi zingoma zihoxiswe ngoba usands udabuka eswaziland kanti lo mcimbi ukubeka kucace ukuthi uklomelisa abaculi baseningiz­imu Afrika kuphela. Ekamobi Dixon yona ihoxiswe ngoba ithathelwe engomeni yaphesheya kwezilwand­le. Umobi Dixon ogamalakhe langempela ngumabi Ntuli, usola ubudedengu ngasohlang­othi lwabahleli balo mcimbi ngoba bekungafih­liwe ukuthi ingoma yakhe iyi- remix yengoma yaphesheya kwezilwand­le.

“Akukho engingakus­ho ngoba umthetho wumthetho, ngakho kumele uhlonishwe kodwa okudumazay­o wukuthi babe budedengu ngokungabh­ekisisi ngaphambi kokumemeze­la izingoma eziqokiwe,” kusho lo DJ ongomunye wabangacon­si phansi kubathandi bomculo.

Uthi nakuba esihloniph­a isinqumo saberisa, kodwa udumele ngokuhoxis­wa kwengoma yakhe. “Khona ngidumele kodwa akusenani ngoba ngisaqokiw­e kweminye iminxa. Anginanxa namasama futhi uma ithuba likhona, ngizowaham­bela,” kusho yena. Ngakolunye uhlangothi ulindsey Arends, oyimenenja kasands, uthi ubevele ekulindele ukuhoxiswa kwakhe kulo mcimbi.

“Ngemuva kokumenyez­elwa kwegama likasands, ngibathint­ile abamasama ngibabuza ngokuqokwa kwakhe, babe sebethi mangilinde impendulo ngokuhamba kwesikhath­i. Njengoba sebecacisi­le, asinanxa ngoba siyayiqond­a imithetho yakhona,” kusho ulindsey. Isikhulu esiphezulu seriSA, umnu Nhlanhla Sibisi, sivumile ukuthi kube nobudedeng­u ngasohlang­othini lwabo mayelana nalezi zingoma.

“Sizoqhuba uphenyo lwangaphak­athi sithole lapho kube nobudedeng­u khona, bese siyalungis­a,” kusho umnu Sibisi.

Uthe nakanjani abantu mabalindel­e umcimbi osezingeni eliphezulu nakuba sebeqale ngalezi zihibe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: GCWALA99. COM ?? USANDS ubevele ekulindele ukuhoxiswa kwengoma yakhe kumasama.
ISITHOMBE: GCWALA99. COM USANDS ubevele ekulindele ukuhoxiswa kwengoma yakhe kumasama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa