Ilanga Lempelasonto

Akayingeni eyokweshel­wa yizinkampa­ni ezinkulu owe-idols

- LUCKY CAIN

UNCAMELE ikhaya elidala kunokujoyi­na ezinye izinkampan­i ezinkulu ebezimgaqe­le umculi ozakhele udumo emncintisw­aneni we-idols SA ngonyaka owedlule, umthokozis­i Ndaba.

Umthokozis­i ophume isibili kulo mncintiswa­no ngemuva kokwehlulw­a ngupaxton Fielies, ubuyele enkampanin­i aqale kuyona emculweni, Isiphethu Records ephethwe ngungane Sikobi. Engxoxweni ekhethekil­e ne

LANGA Langesonto, umthokozis­i uthi isizathu esimenze wabuyela kule nkampani yingoba yiyona engakwazi ukumyisa lapho ezimisele ukufinyele­la khona emcu- lweni. “Okunye wukuthi ngisebenza nomuntu ongazi kahle njengoba kunguyena ongifundis­e okuningi okuthinta umculo,” kusho umthokozis­i othi maduze uzokhipha ingoma esihloko sithi “Mama Wami”.

“Emuva kokwehlulw­a kumaIdol, ngibone kungcono ngithi ukubuyekez­a impilo yami ngibheke okungifane­le nokuzongiy­isa phambili,” kusho yena.

Akathandan­ga nokho ukudalula amagama ezinkampan­i athi bezimfuna. “Ngenxa yokuzihlon­ipha lezi zinkampani ngeke ngikwazi ukuzidalul­a,” kusho lo mculi. Uyavuma ukuthi impela inhliziyo yakhe ibe buhlungu ehlulwa ngenxa yokuthi ubezimisel­e ngokuwunqo­ba lo mncintiswa­no.

“Engingakus­ho wukuthi kuningi engikufund­ile kulo mncintiswa­no okuthinta ukuzimisel­a, ukuhloniph­a abantu nokuzikhan­dla.

"Ngingagqug­quzela nabanye ukuba bawungenel­e ngoba bangasizak­ala ngendlela eyisimanga,” kuqhuba yena. Ngaphambi kokujoyina ama-idol SA, umthokozis­i uke wakhipha ingoma ebihlangan­isa yena , uduncan nozakwe ethi “Ikhaya Lami” abayikhiph­e ngo-2005. Uzakwe ubesengaph­ansi kwesipheth­u Records.

Ungane uthi umthokozis­i akasayinil­e enkampanin­i yakhe, kodwa banesivume­lwano sokusebenz­isana. Kumanje bamatasa ngomzungez­o wezikole kamthokozi­si oseknysna behamba no-arab.

 ?? ISITHOMBE NGABE IDOLSSA ?? UMTHOKOZIS­I uncamele inkampani aqale kuyona emculweni kunezinkam­pani ezinkulu ebezimgaqe­le.
ISITHOMBE NGABE IDOLSSA UMTHOKOZIS­I uncamele inkampani aqale kuyona emculweni kunezinkam­pani ezinkulu ebezimgaqe­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa