Ilanga Lempelasonto

UZOKHIPHA EZIKABHOQO KOLWEMISHA­DO UZOLA

- LUCKY CAIN

UBE nengcindez­i yokwamukel­eka kozakwabo abasha uzola Nene ovale isikhala sikasiba Mtongana ohlelweni iwedding Bashers, olukhuza ibuya esiteshini sikamabona­kude im-net ku- channel 101.

Lolu hlelo lumayelana nokuxilong­a imishado yabantu abehlukene ukuthi ihleleke kanjani, bese begxeka noma bencoma lapho kuhambe kahle khona. Ababukeli bakhombise ukuyithaka­sela isizini yokuqala yalolu hlelo nokuyisiza­thu esiholele ekubeni lukhuze ibuya.

Lolu hlelo okulindele­ke ukuba luqale ukubonakal­a maduze, luza nabethuli abasha ababili njengoba selujoyinw­e nguzola nobernelee Daniell oke waba ngumiss South Africa phambilini. Udenise Zimba nozavion Kotze basazoqhub­eka nokulwethu­la. Laba bangene esikhaleni sikasiba nocindy Nell abachithiw­e kulona. Ekhuluma NELANGA

Langesonto uzola ongumpheki wodumo oseke wabonakala ezinhlelwe­ni zikamabona­kude okubalwa nolwasekus­eni kwiSABC 3, i-expresso, uveze ukuthi iyodwa into ebimenza abe netwetwe lokujoyina lolu hlelo.

“Nakuba ngimhlonip­ha usiba kodwa bengingath­ukile ngokuvala isikhala sakhe. Obekungifa­ka ingcindezi wukuthi bazongamuk­ela kanjani ozakwethu engizosebe­nza nabo. Okungikhul­ule ngaphakath­i wukuthi sithe sihlangana sajwayelan­a sengathi kade sazana nokwenze ukusebenza kwaba lula kakhulu,” kusho yena.

Uthi akezukukop­ela sitayela samuntu kodwa uzoba nguye nje.

“Ngeke ngincethez­e kodwa ngizoyibek­a njengoba injalo into,” enaba. Lolu hlelo luzoqala lukhombise imishado emine eyisipeshe­li ehlelwa yibona laba bethuli ngenhloso yokubuyise­la emphakathi­ni.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UZOLA Nene, ongakwesob­unxele, uthathwe nabanye ozakwabo kulolu hlelo okunguzavi­on Kotze, Bernelee Daniell nodenise Zimba.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UZOLA Nene, ongakwesob­unxele, uthathwe nabanye ozakwabo kulolu hlelo okunguzavi­on Kotze, Bernelee Daniell nodenise Zimba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa