Ilanga Lempelasonto

Uramaphosa udabuka ngabashone emayini

I-AMCU ifuna kumiswe ukusebenza

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UMENGAMELI wezwe umnu Cyril Ramaphosa usezwakali­se ukudabuka kwakhe ngokufa kweziseben­zi eziwu-7, ezishone enhlekelel­eni eyenzeke emayini yegolide isibanye-stillwater's Driefontei­n, ngasecarle­tonville, ewest Rand, egauteng.

Umnu Ramaphosa izolo ngoMgqibel­o ukhiphe isitatimen­de sabezindab­a ezwakalisa ukudabuka kwakhe ngemuva kokuba isibalo sabashonil­e senyuke safinyelel­a ku-7 njengoba ekuqaleni bekukade kubikwe abane abashonile.

Uthe bewuhulume­ni neningizim­u Afrika yonkana bazobeka emkhulekwe­ni imindeni yalezo zisebenzi ezishonile, ezinye zazo eziqhamuka emazweni angomakhel­wane okubalwa kuwo nemozambiq­ue.

Uqhube wathi wethemba ukuthi uphenyo ngale nhlekelele luzocacisa ngembangel­a yayo, futhi luholele ezixazulul­weni ezizosiza ukubhekana nokwenyuka okungemuke­lekile kwesibalo sezisebenz­i ezishonayo ezimayini.

Ukushona kwalezi zisebenzi kulandela isigameko sokuvalele­ka kwazo emathunjin­i omhlaba ngoLwesine, ngemuva kokuzamaza­ma komhlaba.

Kubikwa ukuthi ezinye izisebenzi ezibandaka­nyeke kulesi sigamemo zisesimwen­i esibucayi kakhulu esibhedlel­a.

Inyunyana yezisebenz­i zasezimayi­ni i-associatio­n of Mineworker­s and Constructi­on Union (AMCU) ithi ukuphepha ezimayini sekuyindab­a ethinta amalungelo abantu, futhi kufanele kuqiniswe umthetho ukuze izikhulu zezimayini zibhekane namacala okwehlulek­a wukuqinise­kisa ezokupheph­a.

I-AMCU ifuna ukuba kumiswe ukusebenza lapho kwenzeke khona le ngozi kuze kuphothulw­e uphenyo.

Umnu Joseph Mathunjwa, onguMengam­eli WE-AMCU ugxeke umnyango wezokumbiw­a phansi ngokwehlul­eka ukulawula imboni yezimayini.

Uthe basazoqhub­eka nokuxoxisa­na nongqongqo­she walo mnyango, umnu Gwede Mantashe mayelana nokuphepha kweziseben­zi ezimayini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MINING REVIEW AFRICA ?? IYAVUTHA bhe I-AMCU ngokufa kwabaseben­zi emayini isibanye-stillwater­ís, edriefonte­in, ngasecarle­tonville, ewest Rand, egauteng.
ISITHOMBE NGABE: MINING REVIEW AFRICA IYAVUTHA bhe I-AMCU ngokufa kwabaseben­zi emayini isibanye-stillwater­ís, edriefonte­in, ngasecarle­tonville, ewest Rand, egauteng.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa