IMIBUZO UMSOLWA EHLEKA INHLININI ENKANTOLO
KUSHIYE imibuzo ukuhleka inhlinini kukamsolwa ecaleni lokubulawa ngokudutshulwa kukankz Zolile Khumalo (21) obeyisitshudeni sasemangosuthu University of Technology (MUT) ngesikhathi evela okokuqala enkantolo yemantshi ethekwini ngolwesine.
Umnu Thabani Mzolo ubevele phambi kwemantshi, umnu Mohamed Motala. Utshelwe ukuthi uthweswe amacala amabili, elokubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Inkantolo imbuzile ukuthi uyawezwa yini amacala athweswa wona, wavuma.
Ngasekuqaleni kwecala uqale wabuzwa ukuthi ufuna ukutolikelwa yini noma uzokhuluma isilungu wamoyizela wahlikihla izandla maqede wathi ucela kutolikwe.
Uphinde wabuzwa ukuthi ngabe uzomdinga yini ummeli wakwalegal Aid noma uzozi- tholela owakhe, wakhetha oweLegal Aid.
Libe selihlehliselwa umhla ziyi-10 kwephezulu, lapho ezobe esaziswa noma uyayithola yini ibheyili noma cha.
Ngesikhathi engena enkantolo ephuma phansi emgodini ogcina iziboshwa nabasolwa ubeholwa yiphoyisa - kuthe ngesikhathi ememfuka phambi kwenkantolo imantshi ingakangeni kwaba nemvunge nesililo kubangani bakamufi.
Ucishe wedlula ebhokisini okumele ame kulo labasolwa wabuyiswa yiphoyisa.
Ubebuvulile ubuso izintatheli zimthatha izithombe, kamuva wazimboza ngesigqoko sesikibha sakhe wabheka phansi.
Uze wasihlehlisa sekungene imantshi.
Abanye bebethi uyahleka kodwa abanye abadala emacaleni afuze lawa bamchaze ngokuthi ubenyewuka, okuyisenzo esizenzekelayo lapho umuntu enokudideka noma engazi ukuthi kumele enzeni.
Kuthe uma sekuhlehliswa icala wakuphinda futhi lokho kunyewuka sakuhleka, kwasho ukuthi uzokwedlula phambi kwabangani bakamufi abebekhala mi.
Omunye wabo ongakwazanga ukuzibamba uqale wamkhomba wathi:
“Ukhohlakele! Ukhohlakele!” Usho kanje maqede wambiza ngaphansi kweziketi zikanina.
Ngenxa yokuthi ubesebheke phansi iphoyisa limxina limshonisa phansi uphakamise umunwe ewugobisile okomuntu ezodubula ebhekise kubangani bakamufi.
Abanye abakutolike ngokuthi ubasongela ngokuthi uzobadubula.
Isililo sabantu ngalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana besibhekiswe kakhulu ekuphepheni kwezitshudeni ezindaweni ezihlala kuzo.
knowledge.simelane@ilanganews.co.za