Ilanga Lempelasonto

IMIBUZO UMSOLWA EHLEKA INHLININI ENKANTOLO

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUSHIYE imibuzo ukuhleka inhlinini kukamsolwa ecaleni lokubulawa ngokudutsh­ulwa kukankz Zolile Khumalo (21) obeyisitsh­udeni sasemangos­uthu University of Technology (MUT) ngesikhath­i evela okokuqala enkantolo yemantshi ethekwini ngolwesine.

Umnu Thabani Mzolo ubevele phambi kwemantshi, umnu Mohamed Motala. Utshelwe ukuthi uthweswe amacala amabili, elokubulal­a nelokuthol­akala nesibhamu esingekho emthethwen­i.

Inkantolo imbuzile ukuthi uyawezwa yini amacala athweswa wona, wavuma.

Ngasekuqal­eni kwecala uqale wabuzwa ukuthi ufuna ukutolikel­wa yini noma uzokhuluma isilungu wamoyizela wahlikihla izandla maqede wathi ucela kutolikwe.

Uphinde wabuzwa ukuthi ngabe uzomdinga yini ummeli wakwalegal Aid noma uzozi- tholela owakhe, wakhetha oweLegal Aid.

Libe selihlehli­selwa umhla ziyi-10 kwephezulu, lapho ezobe esaziswa noma uyayithola yini ibheyili noma cha.

Ngesikhath­i engena enkantolo ephuma phansi emgodini ogcina iziboshwa nabasolwa ubeholwa yiphoyisa - kuthe ngesikhath­i ememfuka phambi kwenkantol­o imantshi ingakangen­i kwaba nemvunge nesililo kubangani bakamufi.

Ucishe wedlula ebhokisini okumele ame kulo labasolwa wabuyiswa yiphoyisa.

Ubebuvulil­e ubuso izintathel­i zimthatha izithombe, kamuva wazimboza ngesigqoko sesikibha sakhe wabheka phansi.

Uze wasihlehli­sa sekungene imantshi.

Abanye bebethi uyahleka kodwa abanye abadala emacaleni afuze lawa bamchaze ngokuthi ubenyewuka, okuyisenzo esizenzeke­layo lapho umuntu enokudidek­a noma engazi ukuthi kumele enzeni.

Kuthe uma sekuhlehli­swa icala wakuphinda futhi lokho kunyewuka sakuhleka, kwasho ukuthi uzokwedlul­a phambi kwabangani bakamufi abebekhala mi.

Omunye wabo ongakwazan­ga ukuzibamba uqale wamkhomba wathi:

“Ukhohlakel­e! Ukhohlakel­e!” Usho kanje maqede wambiza ngaphansi kweziketi zikanina.

Ngenxa yokuthi ubesebheke phansi iphoyisa limxina limshonisa phansi uphakamise umunwe ewugobisil­e okomuntu ezodubula ebhekise kubangani bakamufi.

Abanye abakutolik­e ngokuthi ubasongela ngokuthi uzobadubul­a.

Isililo sabantu ngalesi sigameko ezinkundle­ni zokuxhuman­a besibhekis­we kakhulu ekuphephen­i kwezitshud­eni ezindaweni ezihlala kuzo.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa