Ilanga Lempelasonto

U-SHEKHINAH UFISA UKUBUYA NEYE-ALBUM OF THE YEAR

- LUCKY CAIN

INTANDOKAZ­I yomculi ezakhele udumo emncintisw­aneni we-idols SA ithi ibingakuli­ndele ukuqokwa kaningi njengoba kwenzekile kowesouth African Music Awards (SAMA).

Ushekhinah Thandi Donnell, ongomunye wabaculi abaqale ukubonakal­a kowe-idols SA eminyakeni emihlanu eyedlule, utshele leli phephandab­a ukuthi ukusebenza kwakhe kanzima sekuyaqala ukuthela izithelo.

Engxoxweni abe nayo naleli phephandab­a ngemuva kokuthola izindaba zokuqokwa kwakhe eminxeni ye-best Female, Best Newcomer ne-album of the Year okumenyeze­lwe ngolwesihl­anu, uzwakale ejabule ngokweqile ngalokhu.

“Angazi ngingathin­i ngaphandle kokuthi konke okwenzekay­o kuwumvuzo wokusebenz­a kanzima ukuqinisek­isa ukuthi umsebenzi wami uba yimpumelel­o. Ngiyajabul­a kakhulu, ngibonga nangendlel­a abantu abawamukel­e ngayo umculo wami,” kusho ushekhinah kuzwakala ukuthi ujabule.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ukumenyeze­lwa kwangolwes­ihlanu kulandela okwenzeke emasontwen­i amabili edlule lapho lo mculi ebeqokwe kweminye iminxa okubalwa kuyo eyeRecord of the Year ngengoma yakhe esihloko sithi “Suited”, ibest Produced Album nebest Pop Album.

Isiyonke iminxa ushekhinah aqokwe kuyona iyisithuph­a kanti uqokwe nge-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Rose Gold.

Uqhuba ngokuthi kule minyaka emihlanu ekulo mkhakha ubesafunda ngalo mkhakha kanti ukulindele ukubuya nendondo noma nezindondo emcimbini WESAMA ozoba ngomhla ka-2 kujuni esun City Superbowl enorth West.

Uthi nakuba enesifiso sokuqoqa kuyoyonke iminxa aqokwe kuyona kodwa ayibheke kakhulu ngeye-album of the Year.

“Ngiyibheke kakhulu lena ngoba ngiyawazi umfutho esiwukhiph­ile ngesikhath­i siyikhiqiz­a. Kungasho lukhulu ukudla umhlangani­so kulo munxa,” kusho yena.

Abanye abaqokiwe abamenyeze­lwe ngolwesihl­anu yilaba: Male Artist of the year: AFROTRACTI­ON - RELATIONSH­IPS TRESOR - Beautiful Madness Prince Kaybee ñ I Am Music EMTEE - Manando Nduduzo Makhathini - Ikhambi

Female Artist of the year: Siphokazi - Siphokazi

Lady Zamar - King Zamar Simphiwe Dana - Symphony Experience Busiswa - Highly Favoured Shekhinah - Rose Gold

Duo/group of the Year:

Prime Circle - If You Don't You Never Will Team Mosha - Sofa Silahlane Goldfish - Late Night People

Mi Casa - Familia

Mafikizolo - Mafikizolo

Newcomer of the Year: Rouge - The New Era Sessions Shane Eagle - Yellow Shekhinah - Rose Gold Blaq Diamond - Blaq Diamond Thabsie - Songs About You

Album of the Year:

Shane Eagle - Yellow

TRESOR - Beautiful Madness Mafikizolo - 20

Lady Zamar - King Zamar Shekhinah - Rose Gold

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: MAGZTER ?? USHEKHINAH uthi unesifiso sokubuya nendondo ye-album of the Year njengoba engumculi oqokwe kaningi kowesama nonyaka.
ISITHOMBE NGABE: MAGZTER USHEKHINAH uthi unesifiso sokubuya nendondo ye-album of the Year njengoba engumculi oqokwe kaningi kowesama nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa