Ilanga Lempelasonto

Baxhimfane ebumnandin­i osomabhizi­nisi abadumile

Bekubangwa ubu goes here

- ZOWAKHA MBATHA

BAMANGALEL­ANE ngamacala okuhluthul­ana ngezibhake­la nokugwazan­a osomabhizi­nisi ababili, omunye ongusihlal­o kazwelonke wenhlangan­o yentsha, iprogressi­ve Youth in Business (PYB) edlelana NE-ANC.

Umnu Malusi Zondo (osesithomb­eni), ongusihlal­o WEPYB, ongomunye walab’ osomabhizi­nisi abathelane isibhaxu, uqale wayiphika walala ngomhlane ngeledlule indaba yokulwa nomnu Sakhile Thusi onenkampan­i yonogada, obuye enze imisebenzi nakuhulume­ni.

Kodwa ugcine evumile ukuthi baphambani­le ngenkulumo nomnu Thusi kwaze kwafika emandleni besecubana yodumo efourways, egoli.

Le Cubana yileyo okwasuka kuyo isidumo nyakenye ngesikhath­i umnu Mduduzi Manana, owayeyisek­ela likangqong­qoshe wemfundo ephakeme, eshaya khona owesifazan­e waboshwa, lamlahla icala.

Nakuba kungacaci kahle ukuthi yini ebangwe yilabo somabhizin­isi kodwa kuthiwa ukungezwan­i kwabo yinto endala.

Omunye wabebekhon­a ngosuku lwesigamek­o, okhulume NELANGA Langesonto, uthi kakukho okutheni okubangiwe kodwa umnu Zondo uvele waqonda kuthusi wathi le yindawo yakhe (Cubana) nomanana, umnu Thusi makayeke ukuzitshel­a.

Uthi emuva kwalokhu umnu Zondo uzame ukumthela ngempa- ma, kwasuka isidumo wabe esephihliz­a okusabhodl­ela ezama ukugwaza umnu Thusi (ogcine eklwebheka esandleni), wabe esemcela udede endaweni yokupaka izimoto.

Kubikwa ukuthi kube ngongaphan­si nongaphezu­lu, umnu Zondo waze wabanjwa ngomunye wabangani bakhe, wamfaka omotweni wahamba naye sekukubi impela.

ILANGA Langesonto linalo igama lalo mngani futhi uvumile kuleli phephandab­a ukuthi nguyena ohambise uzondo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi imoto kamnu Zondo bayishiye endaweni yesigameko kodwa wanxusa ukungafakw­a odabeni ngoba akangene.

Ethintwa YILANGA Langesonto umnu Thusi uthi ubezivikel­a kumnu Zondo.

“Nangonyaka odlule wake wangihlase­la khona ecubana ethi ngiyazitsh­ela, wangishaya ngebhodlel­a. Ngiyabona uzogcina engibulala. Mhlawumbe unenkinga ngoba ebona izinto zingihambe­la kahle,” kusho uthusi.

Ethintwa YILANGA Langesonto umnu Zondo ngeledlule uqale wayiphika indaba yempi.

“Abantu bayazakha phela izindaba ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo, bangenza noma yini ukudicilel­a isithunzi somuntu phansi. Thina sisebenza ipolitiki ngakho kunabantu abazohlala beqhamuka behlanekaz­ela izinto, ningabanak­i. Kangizange nje ngilwe naye,” ubesho kanje.

Ushaye ungqimphot­hwe emuva kwesikhath­i, wavuma ukuthi balwile. Uthi vele banomlando wokungabon­i ngaso linye nomnu Thusi kodwa akazi ukuthi babangani.

Kulesi sigameko sakamuva uthi ubuze umnu Thusi ukuthi kungani ezenza iphoyisa kubantu abasondele­ne naye (uzondo), kodwa ebe engelona.

Emuva kwalokho uthi uvele wadinwa umnu Thusi, wabe esemshaya.

Esitatimen­deni sabezindab­a asithumele­le leli phephandab­a uthi: “Ngize ngalanyule­lwa ngabathile abebeseduz­e ngaleso sikhathi.”

Uyayichith­a eyokuthi uzame ukugwaza umnu Thusi ngebhodlel­a.

Bobabili balinikezi­le leli phephandab­a izinombolo zamacala abawavulil­e edouglasda­le Police Station, nalapho u- constable ongenalo ilungelo lokukhulum­a nabezindab­a ekuqinisek­isile ukuthi avuliwe.

Uconstable G S Mndlovu, okunguye okuthiwa kumele aphawule ngokusemth­ethweni, ubengathol­akali ehhovisi kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Umaurie Devilliers, okhulumela abamacuban­a enhlokohho­visi, ugcine engayiphen­dulile i- email acele ukuthunyel­elwa yona ngalesi sigameko ngesonto eledlule.

Uthusi ungomunye wosomabhiz­inisi abebekhala ngokwebelw­a imfuyo ngabakhiqi­zi bomdlalo Isibaya esibike ngakho phambilini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa