Ilanga Lempelasonto

SELUQINILE UKHAKHAYI KU-K.O

- LUCKY CAIN

ISILOMO se- hip hop sithi sifunde lukhulu ngokuhluka­na kweqembu iteargas nangokuwa kwenkampan­i yaso, icashtime.

U-K.O, ogamalakhe langempela nguntokozo Mdluli, uzakhele udumo eqenjini iteargas kanti utshele ILANGA Langesonto ukuthi kuningi akufundile ngokuphath­a abaculi, yingakho esegxile ekunakeni owakhe umculo.

Lo mculi, osenenye inkampani ethi yena ebizwa ngeskhanda Republic, uthi akasenaso isikhathi sokunabuke­lisa abanye abaculi, usebhekene nokuthinta yena kuphela.

“Ngicabanga ukuthi ukuzibambe­la mathupha kwiteargas yikhona okwenze ngaba nyamanamba­na kwazise ngigcine sengiyimen­enja yeqembu ngoba bengizikha­ndla ukuze iqembu liphumelel­e.

“Kuthe noma sengiqhamu­ka nesu lokuqala icashtime kwaba sengathi ngifuna ukubaphath­a abanye ozakwethu,” kusho UK.O engafuni ukucacisa ngembangel­a yokuhlukan­a kwaleli qembu elaba nedumela.

Uthi nangesikha­thi esekwiCash­time, nakuba bebebathat­hu beyiphethe le nkampani, kodwa iqhubu ligcine liphuma naye njengoba abaculi abaningi bebekhala ngaye.

Kwicashtim­e UK.O ubebambise­ne nozakwabo kwiteargas, uma-e ogamalakhe langempela ngu-eezy Hanabe nothabiso Khathi.

Uthi nalapho ubezibambe­le, kunguyena okhiqiza izingoma zabanye abaculi abebengaph­ansi kwenkampan­i okubalwa kubo ukid X nonomuzi Mabena.

“Ngithe sengigxila kokwami kwaba sengathi angisabana­kile ekubeni bese ngikwenzil­e obekumele ngikwenze,” kusho lo mculi okhiphe i- album yakhe ngonyaka owedlule ngaphansi kweskhanda Republic.

Uthi kule nkampani nguyena umculi, akazimisel­e ukusayina abanye. Usanda kwethula nezimpahla zakhe zokugqoka eziqanjwe ngayo le nkampani kanti ukhiphe ingoma nodj Maphorisa enesigqi segqom.

“Kubaluleki­le ukuthi noma siyicula i- hip hop kodwa singagudlu­ki esigqini saseningiz­imu Afrika ngoba yisona esenza sihluke kweyaphesh­eya,” kusho lo mrepha wodumo lwezingoma icaracara, yiskhanda Love nezinye kanti muva nje kunenye edlala kakhulu emsakazwen­i esihloko sithi Swagganova.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNTOKOZO Mdluli odume ngelikak.o uthi ufunde lukhulu ngokuphath­a abaculi.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNTOKOZO Mdluli odume ngelikak.o uthi ufunde lukhulu ngokuphath­a abaculi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa