Ilanga Lempelasonto

UZOHLABELA ABALANDELI INKOMO UMCULI

- MTHOBISI SITHOLE

UZOHLABELA abalandeli bakhe inkomo umculi kamasikand­i ebonga ukumeseka kwabo emculweni wesintu.

Uqalindaba Mkhize ( osesithomb­eni) oyindodana kamjaphane “Somgunqu” Mkhize utshele ILANGA Langesonto ukuthi akuselula kumasikand­i ukuthola abalandeli ngenxa yokwanda kwabaculi, yingakho esethathe isinqumo sokubonga labo abamesekay­o ngakubo, abakhombis­e uthando, kungabi yibona abenzela yena.

Uthi idili lokubonga lizoba mhlaka-13 kule nyanga emfundabas­ha Primary School, emtubatuba.

“Akusiyona into encane ukwesekwa emculweni njengoba sekunezimp­i kodwa abantu bangakithi basalokhu bengiphaka­misa kakhulu.

"Ngokwesifi­so sami ngiyafuna nokuhambel­a amagatsha abalandeli bami ngibenzele imicimbi ngibabonge ngakho konke njengoba sengibalwa nabaculi abahamba phambili endaweni yangakithi emkhanyaku­de,” kusho uqalindaba.

Uveze nokuthi uzobe ethula ngokusemth­ethweni ne-albhamu yakhe entsha esihloko esithi “No Enemy Permanent”, okunengoma okuboshelw­e kuyona ukhangelan­i “DSD” Mhlongo wosaziwayo. Kulo mcimbi kumenywe namaqembu engoma kashameni angaphansi kwenhlanga­no egqugquzel­a amasiko emkhanyaku­de i-sakhisizwe. Uqalindaba uthi amagoso azothola nezipho ezizojabul­isa amaqembu.

“Lo mcimbi siwuhlele ngelinye izinga ngoba simeme nezangoma zendawo ukuba zizogida. Ngalokhu sigqugquze­la ukuthi nabantu abasha abangenwe yidlozi bengazenye­zi ngakho,” kusho yena.

Abaculi abazobe beyingxeny­e yomcimbi ngucevuzil­e, Mkhathazi, Mroza (Van damme), Izintombi zikamjapha­ne, Amambeje Amahle, Stezi Mhlanzi nabanye. Umphathi wohlelo ngumsakazi wokhozi FM uzimiphi “Zimdollar” Biyela.

mthobisis@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa