Ukhala ngesiteshi sikat-bo Touch
Uthi benqaba ukumkhokhela, bamsola ngokweba
UNUKELWA yijele uluyanda Mpilwenhle Samuel Zondi odume ngelikaratata kwezobumnandi ngama- video anamahlaya awaqophayo asabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana. Lo mlisa uthi uboshwa yisiteshi sokusakaza sikaThabo Molefe (Tbo Touch) i-touch HD esimsola ngokweba imali.
Elandisa leli phephandaba uratata uthi isono sakhe kube wukufuna okungokwakhe kulo msakazo awusebenzele izinyanga eziyisithupha, inkontileka yakhe yaphela ngozibandlela (December).
Echaza uthi le mali okuthiwa uyebile uyifakelwe yibona abetouch HD kwiakhawunti yakhe abebemholela kuyo ngesikhathi besenenkontileka. Uthi kuyamangaza ukuthi bayambopha ekubeni nabo bemkweleta.
“Bangifakele u-r7 500 ngomasingana (January) nangonhlolanja (February) nokuyimali ebengiyihola sisenenkontileka. Mina ngizitshele ukuthi mhlawumbe yibhonasi ngenxa yomsebenzi omuhle ebengibenzela wona. Kuthe uma sesixoxa kwavela ukuthi bayifake ngephutha. Sivumelane ngokuthi ngizoyikhokha ngokuthi banginikeze omunye umsebenzi engibize kuwo u-r35 500, bese bewuthatha khona lo R15 000 wabo,” kuqhuba yena.
Uthi nebala uwenzile lo msebenzi wawuqeda, kodwa wangakhokhelwa ngisho indibilishi. “Ngokuhamba kwesikhathi ngibona ngingasaholelwa, ngibuzile ukuthi kanti ngihola nini kwase kusuka isidumo,” kulanda yena.
ILANGA Langesonto liyibonile ingxoxo ebhaliwe kumakhalekhukhwini phakathi kwakhe nosebenza ethimbeni lezokumaketha kulo msakazo mayelana nenkokhelo.
Uqhuba athi: “Utbo Touch ungifonele ngolwesibili lweholidi engibizela emhlanganweni ngakusasa ngolwesithathu nalapho ebengisabisa khona. Uze walikhipha nelokuthi ngeke ngisayithola le mali.
"Ngididekile sengifonelwa ngamaphoyisa asesandton kuthiwa ngiyafuneka ngoba ngivulelwe icala lokweba.
"Siye khona nommeli wami ngolwesihlanu ntambama, sahlala saze sahamba lingafiki iphoyisa eliphethe icala. Ngizoya kodwa futhi kusasa ngiyolibheka iphoyisa,” kusho uratata.
Ubonakale ezinkundleni zokuxhumana ebalisa ngokukweletwa kwakhe, enxusa nabalandeli ukuba bamlekelele.
Uveze nezingxoxo ngesivumelwano abebenaso sokukhokhelana.
Uveshnee
(esigcine singatholakalanga isibongo sakhe) osebenza kulo msakazo nobeqondene nendaba karatata walile ukuphawula kabanzi kuleli phephandaba nakuba evumile ukuthi uyayazi le ndaba.
Unxuse ukuba kuxhunyanwe notreflet (naye esingatholakalanga isibongo sakhe) oyichief Financial Officer. Utreflet walile naye ukuphawula wanxusa ukuba kuxhunyanwe nommeli wabo. Uthembise ukuthumela izinombolo zikammeli kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakwenzanga lokho kanti ucingo ugcine engasalubambi. Amanye ama- video abenziwa nguratata kulo msakazo nabaculi abahlukene asatholakala ezinku-ndleni zokuxhumana ikakhulukazi KUYOU Tube njengoba ethi inhloso yokuqashwa kwakhe bekuwukugcina lo msakazo utholakala kuwo uyou Tube. zowakha@ ilanganews. co.za