Ilanga Lempelasonto

Ukhala ngesiteshi sikat-bo Touch

Uthi benqaba ukumkhokhe­la, bamsola ngokweba

- ZOWAKHA MBATHA

UNUKELWA yijele uluyanda Mpilwenhle Samuel Zondi odume ngelikarat­ata kwezobumna­ndi ngama- video anamahlaya awaqophayo asabalalis­we ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lo mlisa uthi uboshwa yisiteshi sokusakaza sikaThabo Molefe (Tbo Touch) i-touch HD esimsola ngokweba imali.

Elandisa leli phephandab­a uratata uthi isono sakhe kube wukufuna okungokwak­he kulo msakazo awusebenze­le izinyanga eziyisithu­pha, inkontilek­a yakhe yaphela ngozibandl­ela (December).

Echaza uthi le mali okuthiwa uyebile uyifakelwe yibona abetouch HD kwiakhawun­ti yakhe abebemhole­la kuyo ngesikhath­i besenenkon­tileka. Uthi kuyamangaz­a ukuthi bayambopha ekubeni nabo bemkweleta.

“Bangifakel­e u-r7 500 ngomasinga­na (January) nangonhlol­anja (February) nokuyimali ebengiyiho­la sisenenkon­tileka. Mina ngizitshel­e ukuthi mhlawumbe yibhonasi ngenxa yomsebenzi omuhle ebengibenz­ela wona. Kuthe uma sesixoxa kwavela ukuthi bayifake ngephutha. Sivumelane ngokuthi ngizoyikho­kha ngokuthi banginikez­e omunye umsebenzi engibize kuwo u-r35 500, bese bewuthatha khona lo R15 000 wabo,” kuqhuba yena.

Uthi nebala uwenzile lo msebenzi wawuqeda, kodwa wangakhokh­elwa ngisho indibilish­i. “Ngokuhamba kwesikhath­i ngibona ngingasaho­lelwa, ngibuzile ukuthi kanti ngihola nini kwase kusuka isidumo,” kulanda yena.

ILANGA Langesonto liyibonile ingxoxo ebhaliwe kumakhalek­hukhwini phakathi kwakhe nosebenza ethimbeni lezokumake­tha kulo msakazo mayelana nenkokhelo.

Uqhuba athi: “Utbo Touch ungifonele ngolwesibi­li lweholidi engibizela emhlanganw­eni ngakusasa ngolwesith­athu nalapho ebengisabi­sa khona. Uze walikhipha nelokuthi ngeke ngisayitho­la le mali.

"Ngididekil­e sengifonel­wa ngamaphoyi­sa asesandton kuthiwa ngiyafunek­a ngoba ngivulelwe icala lokweba.

"Siye khona nommeli wami ngolwesihl­anu ntambama, sahlala saze sahamba lingafiki iphoyisa eliphethe icala. Ngizoya kodwa futhi kusasa ngiyolibhe­ka iphoyisa,” kusho uratata.

Ubonakale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ebalisa ngokukwele­twa kwakhe, enxusa nabalandel­i ukuba bamlekelel­e.

Uveze nezingxoxo ngesivumel­wano abebenaso sokukhokhe­lana.

Uveshnee

(esigcine singathola­kalanga isibongo sakhe) osebenza kulo msakazo nobeqonden­e nendaba karatata walile ukuphawula kabanzi kuleli phephandab­a nakuba evumile ukuthi uyayazi le ndaba.

Unxuse ukuba kuxhunyanw­e notreflet (naye esingathol­akalanga isibongo sakhe) oyichief Financial Officer. Utreflet walile naye ukuphawula wanxusa ukuba kuxhunyanw­e nommeli wabo. Uthembise ukuthumela izinombolo zikammeli kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakwenza­nga lokho kanti ucingo ugcine engasaluba­mbi. Amanye ama- video abenziwa nguratata kulo msakazo nabaculi abahlukene asatholaka­la ezinku-ndleni zokuxhuman­a ikakhuluka­zi KUYOU Tube njengoba ethi inhloso yokuqashwa kwakhe bekuwukugc­ina lo msakazo utholakala kuwo uyou Tube. zowakha@ ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: RATATA OMNANDI FACEBOOK ?? NGURATATA okweletana nomsakazo katbo Touch
ISITHOMBE: RATATA OMNANDI FACEBOOK NGURATATA okweletana nomsakazo katbo Touch
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa