Ilanga Lempelasonto

Ingumuntu onesizotha, ofundile inkosi yamanyuswa

- KNOWLEDGE SIMELANE

UYINKOSI yesizwe sakwaNyusw­a Kwamlamula­nkunzi, Ozwathini, ephokophel­e ukuba isizwe sayo sithuthuke ngokwemfun­do namakhono ekubeni nayo qobo iyincwadi efundekayo kuwo umkhakha wezemfundo.

Sikhuluma ngenkosi Muziwenhla­nhla Mduduzi Ngcobo, ongomunye wamakhosi asemancane ngeminyaka Kwazulu-natal. Uzalwe ziyi-10 kumfumfu (October) 1987.

Sibe nenhlanhla yokuba isiphe ithuba lokuba siphole nayo kule ngosi kwelinye lamahhotel­a aphambili ethekwini. Sike sathi ukudukelan­a ngoba besingazan­i, yaze yangifonel­a ngiyibuka kwaba yihlaya khona lokho.

Yincwasime­nde yensizwa ehlanzekil­e, isho ngesihluth­u sayo esikanyiwe. Ayikufihli ukuthi iyinhlalis­uthi, ingumnazar­etha ongazenyez­i, ikhulumela phansi.

Izalwa yinkosi engasekho umusawenko­si Pitsho Ngcobo, owakhotham­a yona le nkosi inezinyang­a ezintathu esiswini sikanina uthandi umakhomo, wasemthwal­ume Kwazulu-natal. Kwaba yishwa ukuthi umkhulu wayo, inkosi ungonyama ikhombe indodana yayo upitsho ukuthi kuzothi uma ikhothama kuthathe yona kanti izokhotham­a ingakabusi.

Kwayona inkosi ungonyama, wakhothama ngawo unyaka we-1987 inkosi umduduzi isencane, kwabiza ukuba ibanjelwe isikhundla.

“Okuhle wukuthi ngesikhath­i kukhothama ubaba kwadingeka ukuba kufunwe ukuthi alikho izinyane owabe elishiyile kwatholaka­la ukuthi umama ubesezithw­ele, athokoza amaNyuswa.

“Ngithathwe ngayothuku­swa kwababekaz­i umamkhukha, Otimati, Kwamaphumu­lo. Ngikhule khona ngifunda ngaze ngaqeda ibanga ugrade 6 Otimati Primary School, ngaphinde ngayofunda emzimkhulu e-ibisi Senior Secondary School lapho ngiphothul­e khona ugrade 12 ngonyaka wezi2007.

“Ngaphasa kahle ngamalengi­so ezifundwen­i zescience nakumathem­atics. Ngibe sengidlule­la e-university of Kwazulu Natal ngonyaka wezi-2008 ngenza izifundo zepolitica­l Science & Developmen­t Studies. Ngithweswe iziqu ngonyaka wezi-2012,” kusho inkosi ungcobo.

Inkosi ungcobo ithe yaqhubeka ngonyaka wezi-2012 yenza ihonours In Public Policy, yethweswa iziqu ngonyaka we-2013, kwathi ngonyaka olandelayo yenza imaster of Science in Public Policy, yenza ucwaningo ngesihloko esithi “The role of Traditiona­l Leaders in a Democratic South Africa yazuza eze-masters ngonyaka wezi2017.

Ibe nenhlanhla le nkosi yokuba ibambe itoho emnyangwen­i wezokubusa ngokubambi­sana nobuholi bomdabu.

“Yilapho-ke engithole khona ithuba lokuqeqesh­eka ezindabeni zamakhosi, kusukela ngonyaka wezi-2015 kuya kowezi-2016. Kuthe noma sengibizwa yisizwe ukuba ngizothath­a izintambo ngonyaka owedlule akwaba nenkinga,” kubeka inkosi ungcobo.

Kumanje izokwethul­a isihloko sayo nenqubo yocwaningo lwayo enyuvesi yasewester­n Cape, ngaphansi kweso likasolwaz­i Bheki Mngomezulu, ukuze izuze iziqu zobudokote­la kwezemfund­o ezibizwa ngephd.

Inkosi ungcobo idla amazambane ashisayo uma uyibuza ngempilo yayo yangasese kodwa igcine ivumile ukuthi kusemnyama amehlo, ayikamthat­hi undlunkulu wayo, nokho inazo izingane ezintathu ezithanday­o. Ivele ithi: “Ngisemncan­e kabi, ngisafuna ukuqeda ukufunda bese ngibhekana nezimo zokwakha umndeni.” fundisa ukuthi uma isabela ingathi “We! noma ibuzwa ingathi “Hhi?” wathi ayothi ayizwanga.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? YAYEMUKELA izibusiso lapha inkosi Mduduzi Ngcobo kukhulu wayo umamkhukha.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E YAYEMUKELA izibusiso lapha inkosi Mduduzi Ngcobo kukhulu wayo umamkhukha.
 ??  ?? INKOSI Mduduzi Ngcobo yesizwe samanyuswa.
INKOSI Mduduzi Ngcobo yesizwe samanyuswa.
 ??  ?? INKOSI nesizwe sayo samanyuswa
INKOSI nesizwe sayo samanyuswa
 ??  ?? LAPHA kumzukwana yethweswa iziqu enyuvesi e-university of Kwazulu Natal inkosi Mduduzi Ngcobo.
LAPHA kumzukwana yethweswa iziqu enyuvesi e-university of Kwazulu Natal inkosi Mduduzi Ngcobo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa