Ilanga Lempelasonto

Izitayela ongazenza ingane ebusika

- EZESIMANJE THANDI ZONDI

SEKUCACELE noma ngubani ukuthi ubusika sebufikile. Umoya obandayo wasekuseni nantambama, ukukhumbuz­a ngisho kungabe usukhohliw­e ukuthi sekungesin­ye isikhathi sonyaka.

Njengoba sishintsha indlela esigqoka ngayo, nakanjani nendlela esizinakek­ela ngayo kumele ishintshe, kusukela ekunakekel­eni umzimba kuya ezinweleni.

Izinwele zijwayele ukuba sebhadini lokuba zigcine zishiyeke ngaphandle uthole ukuthi umnikazi wazo uyoze azinake ngoba nakhu esebona zihlehla noma seziqathak­a ngenxa yomoya ongemuhle ozishiya zomile.

Umummy Mthembu-fawkes ongumnikaz­i we-earthy okungumkhi­zo wezinwele, ukhulume nebhuku idestiny ngokubalul­eka kokunakeke­la izinwele zabantwana njengoba sekuqala ubusika.

Uthi lesi kakusesona isikhathi sokuba izinwele zidedelwe kodwa ngesokuba zilukwe ukuze zivikeleke.

Uthi isitayela esihamba phambili ekuvikelen­i izinwele ngesibizwa nge- benny-and-betty ngoba kasisilima­zi isikhumba futhi kasizidons­i izinwele. “Lesi sitayela sihamba phambili ezinganeni zamantomba­zane. Kumele kuqiniseki­swe ukuthi kasiqini,” kusho yena.

Uthi inhloso yalesi sitayela wukuvikela izinwele lapho zigcina khona, hhayi lapho ziqala khona yingakho eqinisekis­a ukuba zingadonsw­a.

“Okubalulek­ile wukugcina izinwele zisesimeni esihle futhi zivikeleki­le. Uma zilukwe ngendlela yokuba zivikeleke, kazihlephu­ki noma ziphume njengoba bekuzokwen­zeka uma zidedeliwe,” kusho yena.

Umummy uthi uma umqhina wena umntwana, mchazele ukuthi asho uma ezwa ubuhlungu. Ngokusho kwakhe, ayikho le nto yokuthi ubuhle buyabekeze­lelwa.

Uma kungukuthi umntwana uluka e- salon, tshela omlukayo ukuba athambise isandla, nomntwana umyale ukuba asho uma ezwa ubuhlungu.

Amathiphu ongawasebe­nzisa ukunakekel­a izinwele zomntwana:

- Ebusika izinwele ziyoma ngenxa yokubanda nama- heater asetshenzi­swa endlini. Kubaluleki­le ukuba uzigcobe ngaso sonke isikhathi. Sebenzisa amafutha emvelo njenge- coconut oil ne- shea butter ukuqinisek­isa ukuthi izinwele zithamba kahle ngaphambi nangemuva kokuziluka.

- Izingane ezisafunda isikole kulula ukuba zingcole ekhanda. Uma ikhanda lengane yakho lihlale lijulukile, kubaluleki­le ukuba ligezwe nge- shampoo njalo ukuze lihlale lihlanzeki­le.

- Uma izinwele zidedeliwe zigcobise ngasekugci­neni ukuze zivikeleke ekomeni nasekuhluk­aneni. tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa