Ilanga Lempelasonto

U-MERLON UKHIPHE INGOMA NO-ZAKES

- LUCKY CAIN

AMACIKO asethekwin­i okuke kwavela ukuthi axabene asephinde ahlangana enza ingoma ndawonye.

Usbusiso Mhlongo, odume ngelikadj Merlon, nozakhele Madida, odume ngelikazak­es Bantwini, bangene emculweni besebenza ndawonye kodwa bahlukana ngemuva kokushayis­ana.

Uzakes ungumnikaz­i wenkampani imayonie Production­s obekuseben­za kuyo umerlon engumphath­i wabaculi abebengaph­ansi kwale nkampani, okungulvov­o nobeezory.

Phambilini kwavela ezithi uzakes ukhombe indlela umerlon ngemuva kokuba bebe nokungabon­i ngaso linye.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngemuva kokuhamba kukamerlon kwimayonie, nolvovo ube eseyishiya le nkampani wasungula eyakhe, iderrango Records.

Ngemuva kweminyaka umerlon, ozakhele udumo ngengoma esihloko sithi “Koze Kuse”, usephinde wahlangana nozakes, benza ingoma ndawonye kanti kulindelek­e ukuba iqale ukuzwakala maduze emsakazwen­i.

Khona manjalo umerlon umatasa futhi uqopha nodj Tira enye yezingoma azimisele ukuyikhiph­a ngasekuphe­leni kwalo nyaka.

Umerlon utshele ILANGA Langesonto ukuthi ubevele engenanxa nozakes kwazise bangabanga­ni bakudala.

“Kwenzeka okwenzeka kanti belingekho igqubu phakathi kwethu njengoba nalapho besibo- nana khona besibingel­elana.

“Ukwenza kwethu ingoma ndawonye akukhona ukuthi siyabuyisa­na njengoba besingaxab­ene. Sihlale phansi sakuhlela ukwenza ingoma futhi abantu bazoyithok­ozela,” kusho umerlon othi kulo nyaka uzimisele ngokuseben­za nabaculi abehlukene.

“Yingakho kunengiyen­za notira kanti ikhona futhi esiyenza nomondli. Ngimatasa kakhulu manje kwazise kuke kwathuleka,” kusho umerlon.

I-albhamu yakhe ethi “Pure Black” ayikhiphe ngonyaka owedlule iqokwe kowesama nonyaka emunxeni webest Dance Album.

Ukwenza kwethu ingoma ndawonye akukhona ukuthi siyabuyisa­na...

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Merlon uthi ubevele engenanxa nozakes Bantwini, yingakho benze ingoma ndawonye.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Merlon uthi ubevele engenanxa nozakes Bantwini, yingakho benze ingoma ndawonye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa