SIVULA AMEHLO ABACULI:
le ngisho ukukhwehlela kwabanye nemisindo yezingane kube ngungqo. Osuke elalele lowo mqopho uyakuthokozela ukuzwa yonke into ebeyenzeka esontweni azizwe eyingxenye naye.
Abazalwane bangazihlanganisa izingoma zabo bese bebiza unjiniyela azofaka imibhobho aqophe ulozolo.
Kunganciphisa izindleko zokuba kuyiwe ezitudyo ezikude, kongiwe nesikhathi ebesingachitheka uma kuzosetshenziswa izitudyo ngqo. Lokho kungafundisa ngisho wona amalunga ebandla izindlela zokusebenzisa imibhobho ngoba kuyinkinga uma sekuqoshwa kumuntu ongawazi umbhobho ( microphone).
Kunezindlela zokuwusebenzisa umbhobho ngoba uyasethwa ngokwamandla ephimbo lomuntu. Uma oculayo enephimbo elincane amandla ombhobho ayakhushulwa kuthi uma enephimbo eliphezulu ehliswe.
Kukhona izinto ezibizwa ngamapops, okuchaza amagama afana naqala ngo-p no-b, lawo magama uma umuntu ewaphimisa eduze kakhulu nombhobho enza umsindo oduma kabi.
Ezitudyo kuze kusetshenziswe izifonyo ukuze kuvikwe wona amapops. Oqala ingoma phambili uye anikezwe owakhe umbhobho ukwenzela ukuba uma kube nephutha kube lula ukuwalungisa, kanjalo nalabo abahola ezindleleni ezifana nendlela yesibili ne- tenor.
Abake bayizame le ndlela abazalwane izobasiza kakhulu, bakwazi nokugcina umlando wabo ulalelwe nayisizukulwane, sizwe ukuthi okhokho baso babedumisa kanjani uma behlangene.
Abakhonzayo bayazi ukuthi kumnandi kanjani ukuzwa ugogo eqala ingoma yakhe ayikhonzile, ehlezi esihlalweni esingemuva, ngisho nendlela abakhuleka ngayo.
Amaxhegu kuba mnandi esevuma ingoma ngamaphimbo aqhaqhazelayo anokuklinyeka phakathi. Nazo kubazalwane, sibaphosela inselelo.
knowledge.simelane@ilanganews. co.za