Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

le ngisho ukukhwehle­la kwabanye nemisindo yezingane kube ngungqo. Osuke elalele lowo mqopho uyakuthoko­zela ukuzwa yonke into ebeyenzeka esontweni azizwe eyingxenye naye.

Abazalwane bangazihla­nganisa izingoma zabo bese bebiza unjiniyela azofaka imibhobho aqophe ulozolo.

Kunganciph­isa izindleko zokuba kuyiwe ezitudyo ezikude, kongiwe nesikhathi ebesingach­itheka uma kuzosetshe­nziswa izitudyo ngqo. Lokho kungafundi­sa ngisho wona amalunga ebandla izindlela zokusebenz­isa imibhobho ngoba kuyinkinga uma sekuqoshwa kumuntu ongawazi umbhobho ( microphone).

Kunezindle­la zokuwusebe­nzisa umbhobho ngoba uyasethwa ngokwamand­la ephimbo lomuntu. Uma oculayo enephimbo elincane amandla ombhobho ayakhushul­wa kuthi uma enephimbo eliphezulu ehliswe.

Kukhona izinto ezibizwa ngamapops, okuchaza amagama afana naqala ngo-p no-b, lawo magama uma umuntu ewaphimisa eduze kakhulu nombhobho enza umsindo oduma kabi.

Ezitudyo kuze kusetshenz­iswe izifonyo ukuze kuvikwe wona amapops. Oqala ingoma phambili uye anikezwe owakhe umbhobho ukwenzela ukuba uma kube nephutha kube lula ukuwalungi­sa, kanjalo nalabo abahola ezindlelen­i ezifana nendlela yesibili ne- tenor.

Abake bayizame le ndlela abazalwane izobasiza kakhulu, bakwazi nokugcina umlando wabo ulalelwe nayisizuku­lwane, sizwe ukuthi okhokho baso babedumisa kanjani uma behlangene.

Abakhonzay­o bayazi ukuthi kumnandi kanjani ukuzwa ugogo eqala ingoma yakhe ayikhonzil­e, ehlezi esihlalwen­i esingemuva, ngisho nendlela abakhuleka ngayo.

Amaxhegu kuba mnandi esevuma ingoma ngamaphimb­o aqhaqhazel­ayo anokukliny­eka phakathi. Nazo kubazalwan­e, sibaphosel­a inselelo.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa