Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA UMCULO

-

UMCULI: SGWILI ISIHLOKO: UKUSHO KWAKHE UHLOBO LOMCULO: GOSPEL

UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 9/10

KUPHELELIS­IWE kule albhamu, bazobhema bakholwe abathandi be-gospel. Usgwili sengathi ubekhuleki­le wazila ukudla ngesikhath­i eyihlangan­isa.

Ugcobo luzwakala engomeni yokuqala kuze kube sekugcinen­i. Izinsimbi zibumbene namaphimbo. Istudyo sigqishile, ukhubashe uyihlelemb­e ( mastering) yathula du. Ziyi-14 sezizonke - kukhona ezidumisay­o nezigxumis­ayo, umzalwane wesimame angayidlal­i uma ephekile ngoba kuzosha amabhodwe. Iyatholaka­la ezitolo noma kubuzwe kuye kule nombolo ethi: 060 304 9449 noma (031) 031 6313. UMCULI: NQOBILE ISIHLOKO : MANGIPHELA AMANDLA UHLOBO LOMCULO: GOSPEL

UNYAKA : 2018 AMAPHUZU : 8/10

UFIKE kwezwakala unqobile - uyadumisa kuqhasha idimoni lishiswa umlilo ophuma emlonyeni.

Ithi icula le nsizwa ibuye iphonse intshumaye­lo phakathi, ijulile. Ingoma yesibili esihloko sithi “Mangiphela­mandla” ayivumi ukuphuma enhliziywe­ni uma isike yangena. Ziyi-14 sezizonke. Uphrojusil­e lapha usgwili kanye naye unqobile Mbandlwa. Kukhona nezingoma ezihuba sazayoni. Isiyathola­kala ezitolo UMCULI : PHATHWA KAHLE ISIHLOKO: UMA NGIBIZA LELIGAMA

UHLOBO LOMCULO : GOSPEL

UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 7/10

LENYUKILE izinga kubaculi baseswazin­i. Eminyakeni engama-40 eyedlule, bekungaba yisimanga ukuthola abaculi abacula ngale ndlela.

Uphatha Kahle akasiye umafikizol­o kule ndima. I-albhamu yakhe yokuqala yabe isihloko sithi “Kukhona okuzokwenz­eka” yalandelwa ngesihloko sithi “Ingadlanga­dla” nethi “Sekonakele” njengoba esekhiphe lena manje. Yi-albhamu yokuthengw­a lena, iyabusisa. Iyatholaka­la ezitolo zomculo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa