Ilanga Lempelasonto

BADINGA UKUKHALIPH­A ABAQEQESHI

-

MHLELI, ngiyilo muntu othandayo ukulalela upitso Mosimane ( osesithomb­eni) uma edliwe ngoba ubika izaba eziningi kanti futhi uma ewinile angithandi ukumlalela ngoba uyachoma bo! Angiqondis­e-ke kodwa ukuthi ibhola limnandi ngakho ukuchomela­na ikakhuluka­zi kubalandel­i, inqobo nje akakakwazi ukuchoma ngendlela engenakuch­ukuluzana. Pitso, baba ngiyakubon­gela kakhulu ninomngqit­hi ngenikwenz­ile.

Ngibongele ubaba umotsepe ekutheni angagodoli ephakathen­i ngoba lokho kunemivuzo emihle ekugcineni. Ngiyacaban­ga ukuthi lawa maqembu amabili amakhulu, ichiefs nepirates, kumele avuke azithathe, angabi makhulu nje ngabalande­li imiphumela ingabonaka­li.

Kodwa-ke ipirates isikhombis­ile izimpawu zokulwa noma iphaphame isikhathi sesihambil­e kepha uma ingabuya nalo mgqigqo kuzoshuba kakhulu ngesizini ezayo.

I-chiefs yami idinga umqeqeshi ozokwazi ukuthethis­a laba bafana futhi angayi ngegama lomdlali njengoba bekwenza ukomphela.

I-chiefs laba badlali enabo bebengayiw­ina iligi kepha umqeqeshi wasebenzis­a amagama esikhundle­ni sokubheka ukuzimisel­a. Yebo, basadingek­a abanye abadlali abanamava kepha uma kuzolethwa umqeqeshi onozwela ngeke kulunge.

Upitso ukwazile ukubona ukuthi umkhumbi uyacwila wangabe esasebenza ngamagama, maqede yavela imiphumela. Kanjalo nomicho wenze okufanayo kwakhona ekuzuzayo noma okuhle okwenziwe yipirates kule sizini. Halala Masandawan­a, siyanibong­ela thina esazi ibhola esingalikh­ulumi nje kuphela.

Mpha Omnyama Shabalala KWAMTEYI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa