BADINGA UKUKHALIPHA ABAQEQESHI
MHLELI, ngiyilo muntu othandayo ukulalela upitso Mosimane ( osesithombeni) uma edliwe ngoba ubika izaba eziningi kanti futhi uma ewinile angithandi ukumlalela ngoba uyachoma bo! Angiqondise-ke kodwa ukuthi ibhola limnandi ngakho ukuchomelana ikakhulukazi kubalandeli, inqobo nje akakakwazi ukuchoma ngendlela engenakuchukuluzana. Pitso, baba ngiyakubongela kakhulu ninomngqithi ngenikwenzile.
Ngibongele ubaba umotsepe ekutheni angagodoli ephakatheni ngoba lokho kunemivuzo emihle ekugcineni. Ngiyacabanga ukuthi lawa maqembu amabili amakhulu, ichiefs nepirates, kumele avuke azithathe, angabi makhulu nje ngabalandeli imiphumela ingabonakali.
Kodwa-ke ipirates isikhombisile izimpawu zokulwa noma iphaphame isikhathi sesihambile kepha uma ingabuya nalo mgqigqo kuzoshuba kakhulu ngesizini ezayo.
I-chiefs yami idinga umqeqeshi ozokwazi ukuthethisa laba bafana futhi angayi ngegama lomdlali njengoba bekwenza ukomphela.
I-chiefs laba badlali enabo bebengayiwina iligi kepha umqeqeshi wasebenzisa amagama esikhundleni sokubheka ukuzimisela. Yebo, basadingeka abanye abadlali abanamava kepha uma kuzolethwa umqeqeshi onozwela ngeke kulunge.
Upitso ukwazile ukubona ukuthi umkhumbi uyacwila wangabe esasebenza ngamagama, maqede yavela imiphumela. Kanjalo nomicho wenze okufanayo kwakhona ekuzuzayo noma okuhle okwenziwe yipirates kule sizini. Halala Masandawana, siyanibongela thina esazi ibhola esingalikhulumi nje kuphela.
Mpha Omnyama Shabalala KWAMTEYI