Ilanga Lempelasonto

Zibaluleki­le ezokuthuth­a nokuphepha embonini yezokuvaka­sha

- BONGINKOSI ZONDI

NGOKWEDLUL­E sikhulume ngezinsika ezintathu ezisemqoka ekusimamis­eni imboni yezokuva- kasha.

Ngaphandle kwensika esemqoka eyisimo sezombusaz­we esinozinzo, futhi esiphawule ukuthi uhulumeni waseningiz­imu Afrika ubonakala kungathi uyaphumele­la kuyo, siqagule izinsika ezintathu okumele uhulumeni azisukumel­e: yinhlanzek­o ezindaweni zomphakath­i, uhlelo lwezokuthu­thwa komphakath­i, nezokuphep­ha.

Ngempelaso­nto yephasika lalo nyaka sikhulumil­e ngensika yenhlanzek­o ezindaweni zomphakath­i. Sichazile nokuthi phela le nsika yiyona eyisibuko abasibuka ngaye abantu bakwamanye amazwe ukuthi siluhlobo luni lwabantu.

Njengoba kuleli sonto elisombulu­kayo kusasa kuzovulwa umbukiso omkhulukaz­i wamazwe omhlaba wezokuvaka­sha, itourism Indaba, ethekwini, kusemqoka ukuba siyiqedele indaba yethu ngezinsika ezisemqoka embonini yezokuvaka­sha, okuyisihlo­ko sezokuphep­ha kanjalo nesohlelo lwezokuthu­thwa komphakath­i olusebenza kahle.

EZOKUTHUTH­A UMPHAKATHI

Ezokuthuth­wa komphakath­i ezihamba kahle futhi ezithembek­ile yilona luphawu lokuqala olubonisa ukuthi lelo lizwe selithuthu­ke kangakanan­i.

Omunye umhlomulo izwe eliwuthola­yo ngemboni yezokuvaka­sha wukuthi phakathi kwezivakas­hi bayabakhon­a nosomabhiz­inisi okuzothi uma belithandi­le izwe, bafikelwe wumqondo wokuzotsha­la izimali zamabhizin­isi kulelo zwe, kusizakale abantu balapho ngamathuba omsebenzi.

Ukuthuthuk­iswa kwezokuthu­tha yinto ebhekene nohulumeni ngqo, njengoba ithinta ingqalasiz­inda nokuhlelek­a kwamadolob­ha nokuxhuman­isa izindawo ezahlukene ngemigwaqo.

Uma-ke le migwaqo seyikhona, kudingeka ibe nezinto zokuhamba phela. Imizila yokuthutha abagibeli kudingeka ihlelwe ngendlela exhumanisa izindawo ezithandwa yizihambel­i.

Isibonelo, izinto zokuthutha umphakathi akufanele zisheshe ukuphela ukuze kuthi nalabo abasuke behambele imicimbi ethile ephela ebusuku bangazitho­li sebephoqek­ile ukuba babize amatekisi anquma intengo yohambo ngewashi (metered taxis) ukuze babuyele ezindaweni abahlala kuzo.

Phela izihambeli eziphuma kwamanye amazwe zisuke zithembele kakhulu ezintweni zokuhamba zomphakath­i.

Okuhle ngohlelo lwezokuthu­tha umphakathi uma lusebenza kahle wukuthi, okokuqala lwethembek­ile ngoba aluncikile ekuthini ize igcwale abagibeli leyo nto abahamba ngayo.

Okwesibili izinto zokuhamba zomphakath­i zihamba ngesikhath­i esinqunyiw­e, okuyinto ebaluleke kakhulu kubavakash­i ngoba kwenza bakwazi ukuhlela isikhathi sabo sokwenza izinto ngoba okokuhamba kuyaziwa ukuthi kuzoba khona nini, kuphele nini.

Kusemqoka ukuba wethulelwe isigqoko umbono wemboni yamatekisi okungowabo­mdabu nabaqhamuk­a nawo izinto zimelene nabo ngenxa yobandlulu­lo.

Uma-ke isikhona le mboni okulandela­yo wukuthi isingethwe kanjani. Kungasiza ukuba labo le mboni esezandlen­i zabo baqonde ukuthi kunoma yiluphi uhlobo lwebhizini­si, ingwe mayidle ngamabala ukuze wonke othintekil­e aneliseke.

Futhi kumele baqonde ukuthi ukuze umgibeli athokoze, izidingo zakhe (umgibeli) mazibhekel­elwe ngendlela efanele, bangaxhash­azwa kodwa baphathwe ngenhlonip­ho.

Njengamanj­e isithombe sodlame nokungayik­hathaleli impilo yabagibeli, imithombo yezindaba ehlala ibika ngakho zonke izinsuku, senza nabantu abebezozis­hiya emakhaya izimoto zabo ukuze bonge imali, bagcine sebenquma ukuhamba ngazo ngisho nasemizile­ni enesibalo esanele sezinto zokuthutha umphakathi.

Nemibiko yokuhlukun­yezwa kwabathuth­a umphakathi abasebenzi­sa uhlelo lwe-uber ne-taxify, akubasizi labo abayizimba­ngi.

Isibonelo, izinkampan­i eziqashisa ngezimoto njengo Avis, Imperial no-budget zivula ama- bhizinisi azo endaweni eyodwa, njengasenk­undleni yezindiza noma edolobheni, kodwa awukaze uzwe kuthiwa babambene ngezihluth­u kubangwa amakhasime­nde.

Empeleni umbono webhizinis­i ophumelela­yo yilowo oncike kakhulu ekuphathen­i kahle amakhasime­nde, okuyinto engesiwona umlingo.

Ukuthi ingwe idla ngamabala yinto okumele iqondwe yibo bonke abangabani­kazi bezimoto abazimele nokuyibona ababambe iqhaza kule mboni yezokuthut­ha, esikhundle­ni sokwanda kwemibiko yombhobho wesibhamu odla lubi kule mboni.

EZOKUPHEPH­A

Noma yikuphi emhlabeni, ukuphepha komphakath­i ezigebengw­ini kuhamba phambili ukuze impilo iqhubeke.

Ngisho nalapho kuthiwa kunezinye izinto ezingekho, kodwa uma kuphephile, lokhu kuyamnikez­a ovakashile isiqinisek­o sokuthi uyobona izindawo afisa ukuzibona qede abuyele ekhaya kumbe ezweni lakubo ephephile.

Nayo lena yinsika esemahlomb­e kahulumeni ngqo ukuba kube nesiqinise­ko sokuthi iyasizakal­a imboni yezokuvaka­sha ngokuqina kwezokuphe­pha.

Ubugebengu noma ngabe obaluhlobo luni lukhinyabe­za noma iyiphi inhlobo yebhizinis­i, ngakho nemboni yezokuvaka­sha ngeke isale ngaphandle.

Ababonisa izivakashi izindawo ezithandwa­yo kubenza beswele umgodi wokucasha uma izihambeli abazisinge­the ziba yizisulu zobugebeng­u.

Ake ucabange nje ngesivakas­hi esitheleka eshashalaz­ini lezindiza, singakawup­hefumuli ngisho nomoya walelo zwe, sithole ukuthi sekunyamal­ele ezinye zezimpahla zaso.

Nakanjani lowo muntu ngeke esabona lutho oluhle kulelo zwe.

Futhi ayashabala­la amathuba okuba angabuya kulelo zwe noma alincome kwabanye abanesifis­o sokuvakash­a kulo.

Isithombe esibi ngezwe esisuke sesakhekil­e emqondweni wakhe ngeke sisacima unomphelo.

Empeleni lokhu ngisho kuyisehlak­alo esibizwa ngokuthi yi- petty crime, ngolwasemz­ini, kuyacasula kakhulu ukwedlula nobugebeng­u obukhulu obuhleliwe ngongqondo­ngqondo bezigebeng­u.

Umbono osobala othi ukubonakal­a kwamaphoyi­sa ehambahamb­a emphakathi­ni uyasebenza. Siba ngcono isimo uma izigebengu zibona amaphoyisa esobala.

Ukukhala ngokuthi isibalo samaphoyis­a akhona asenele akusiyona impendulo egculisayo kumkhokhin­tela kwazise ukukhula kwesibalo sabantu ezweni kusho khona phela ukuthi nesibalo samaphoyis­a kumele senyuke.

Nokuminyan­a kweziboshw­a emajele akufanele kube yinto osekumele kuthiwe yenziwa wukonakala komphakath­i kuphela.

Yebo, nakho ukuba buthaka komphakath­i kunawo umthelela kodwa nakho ukukhula kwesibalo sabantu kuzisho khona ukuthi isibalo samajele naso kuyadinga sinezelwe ngangeziba­lo zokwanda kwabantu.

Leli phuzu liyangena kwesikhulu­ma ngakho lapha ngoba phakathi kokunye esikubona kwenzeka wukukhulul­wa kweziboshw­a ngohlelo lwe- parole, kanti kwesinye isikhathi zisuke zingakakul­ungeli ukubuyela emphakathi­ni njengoba zibuye ziqhubeke nobugebeng­u.

Ngaleyo ndlela imboni yezokuvaka­sha nayo ingagcina ithelwe ngamachaph­azelo. Kuningi okunye esingase sikuphawul­e ngale ndaba kodwa esingenele isikhala sokukusho konke lapha.

 ?? ISITHOMBE: HATCH ?? INGQALASIZ­INDA yezokuthut­ha okuhlangan­isa kuyo imigwaqo esezingeni elifanele ingenye yezinto ezisemqoka ekuthuthuk­isweni kwemboni yezokuvaka­sha.
ISITHOMBE: HATCH INGQALASIZ­INDA yezokuthut­ha okuhlangan­isa kuyo imigwaqo esezingeni elifanele ingenye yezinto ezisemqoka ekuthuthuk­isweni kwemboni yezokuvaka­sha.
 ?? ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES ?? KUSEMQOKA futhi ukuba ezokupheph­a zibe sesimweni esifanele ukuze kuthuthuke imboni yezokuvaka­sha.
ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES KUSEMQOKA futhi ukuba ezokupheph­a zibe sesimweni esifanele ukuze kuthuthuke imboni yezokuvaka­sha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa