Ilanga Lempelasonto

Uzifela ngomculi okhulele emgaqweni

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews. co.za

UKUKHULELA emndenini oswele kukadenis Masinde Onyango (32) ongunozint­i wokuqina wemamelodi Sundowns yikhona kanye okwenza aphilele ukuvikela nokuphatha ntofontofo umndeni wakhe.

Ubambe elikhulu iqhaza idowns ibuyisa isicoco se-absa Premiershi­p esihlwithw­e yibidvest Wits ngesizini edlule. U-onyango udabuka ekampala, e-uganda.

Uthi ukukhulela ekhaya eliswele kakuzange kumthene amandla futhi kwamgqugqu­zela ukufaka umfutho ukufeza iphupho lakhe kunobhutsh­uzwayo.

Ufunde erailway Primary, entanda Secondary nasecitize­n High lapho ephothule khona umatikulet­sheni. Uqhubeke nemfundo ephakeme enza ibachelor of Administra­tion angazange ayiphothul­e ngenxa yokuxinwa yibhola.

Uthi akaboni ukuthi usazokwazi ukuqhubeka nemfundo kwazise imali ayithola ebholeni iyamenelis­a. Ikhono lakhe ligqame ngesikhath­i edlalela isportin Club Villa FC abeyisheba nokufunda ngaphambi kokufuduke­la kwist George SC yase-ethiopia ebidlala kwiligi enkulu yakhona.

Iphupho lakhe lifezeke ejoyina isuperspor­t United ngo-2006 wayishiya ngo-2010. Ngemuva kokuzibona­kalisa kwisupersp­ort uthathwe yidowns ngo-2011 kodwa yambolekis­a kwimpumala­nga Black Aces isizini eyodwa. Ngesizini elandelayo idowns imshove kwiBidvest Wits.

U-onyango sekuwumlan­do ukuthi uke wahlabana ngomklomel­o we-uganda Sports Press Associatio­n kanti necaf ike yamklomeli­sa ngokuba ngunozinti wonyaka.

Usenqobe izindondo eziningi kusuka ethathe ijezi kwidowns kubalwa icaf Champions League ngo-2016 necaf Super Cup ngo-2017. Ingxoxo YELANGA Langesonto ( IL) no-onyango ngempilo yakhe yangaphand­le kweNkundla ihambe ngalolu hlobo:

IL: Lukhona yini ulwimi lwabantu baseningiz­imu Afrika osukwazi ukulukhulu­ma njengoba sekukudala wafika kuleli?

Onyango: Ngiyasizam­a isizulu. Ngeke umuntu akwazi ukungihleb­a ngaso kwazise okuningi sengiyakuz­wa. Engikuthan­da kakhulu ngaleli lizwe wukuthi abantu bakhona bayakwazi ukwamukela­na. Sengizizwa ngingowala­pha.

IL: U-onyango ungumuntu onjani?

Onyango: Ngingubaba wezingane othobekile, futhi ohloniphay­o. Nokho kangikwazi ukuncethez­a. Ngikholelw­a ekutheni umuntu kumele ngimtshele emehlweni uma kukhona engingaham­bisani nakho akwenzayo.

IL: Usushadelw­e?

Onyango: Yebo, ngithathe ubarbara. Sibusiswe ngabafana abane uramzi, ukyle, udeon nodario ongumagcin­o.

IL: Abafana abaningi kangaka, uzimisele ukwakha iqembu lakho yini?

Onyango: Cha, cha, cha (esho efa wuhleko). Sengenele ngalaba abakhona. Sengivalil­e manje.

IL: Uphuma ekhaya elinjani?

Onyango: Ngihlengez­ela izinyembez­i uma ngikhumbul­a isikhathi engidlule kusona ngisakhula. Bekunzima kakhulu. Ngenhlanhl­a enkulu unkulunkul­u ukwazile ukungihlen­ga. Ngitholane nabantu abangisizi­le empilweni, kubalwa umilutin Sredojevic ololonga i-orlando Pirates.

Ungisize kokuningi kubalwa nemfundo. Ungidodisi­le, ngakwazi nokuvusa ikhaya ngekhono lami lokuvimba. Nakuba besihluphe­ka ekhaya kodwa besingalal­i singadlile.

IL: Ngabe basaphila abazali bakho?

Onyango: Yebo, umama ngu-olivia Onyango, kanti ubaba ngugabriel Onyango. Sibabili abafana njengoba ngizalwa no-ivan ongumfowet­hu omdala, elanywe ngodadewet­hu ababili uhelen Ajmbo noLillian bese kuba yimina umagcino.

Abazali bami yibona okumele ngibachome uphaphe lwegwalagw­ala ngokungikh­ulisa kunzima. Kangifisi ukubona izingane zami ziphila impilo engiphuma kuyona.

IL: Yikuphi ukudla okuthanday­o?

Onyango: Ngithanda i- rice nenyama yenkukhu. Lokhu kudla ngikukhonz­e kakhulu, ngisho sihleli ehhotela yikhona engikuthok­ozelayo. Engikuthan­da nakakhulu wukuthi nomkami uyalishaya ibhodwe.

IL: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho enkundleni?

Onyango: Ungithole ngesikhath­i esikahle kakhulu ngenza into engiyithan­dayo okuwukuham­bela izinxanxat­hela zezitolo nomndeni wami. Njengamanj­e ngisesun City (enorth West) nomndeni wami.

Isikhathi sekhefu singenza ngithole ithuba elihle lokuhlala nomkami nezingane zami. Phela ibhola lidla isikhathi esiningi somndeni. Umuntu uhlala esendlelen­i ngokomsebe­nzi. Ngeke ukholwe ukuthi ngidlala nazo izingane zami uma ngiphumule ukuzijabul­isa nokusondel­ana kakhulu nazo.

IL: Yiliphi izwe ozifela ngalo?

Onyango: Yimorocco. Kuhle impela khona futhi okuningi

kuqoqene kahle ndawonye. Abantu bakhona bacishe bafane nabasemzan­si ngobumnene. Bayalazisa usiko futhi kabacwasan­i nhlobo.

IL: Usebenzisa nhloboni yesiqholo?

Onyango: Yipolo Black by Ralph Lauren, ingenza ngizizwe ngizelwe kabusha ngaso sonke isikhathi uma ngiziqhole ngayo.

IL: Yiluphi uhlobo lomculo oluthanday­o?

Onyango: Ngigezwa wumculo opholile wernb. Nokho umculi engikhonze ukumlalela ngu-eddy Kenzo wase-uganda. Ngimthandi­swa wukuthi ukhule eyi- street kid okwenza konke okwakhe kungithoko­zise. Kungifundi­sa ukuthi emhlabeni konke kuyenzeka uma uzinika isikhathi. Unkulunkul­u uyahlengan­a empilweni.

IL: Uphatha nhloboni yeselula?

Onyango: Yisamsung yesimanje, ikwenza konke. Okuhle ngayo wukuthi ngiyakwazi ukungena ngayo kwitwitter, kufacebook nakwiInsta­gram. Inhloso enkulu yami ngokuba sezinkundl­eni zokuxhuman­a wukuzwa izimvo zabalandel­i bami.

IL: Uhlala nobani endlini uma niyogijima ekuhambeni?

Onyango: No-anthony “Sika Lekhekhe” Laffor kwazise sisuka kude naye ngebhola sisayibamb­e kwisupersp­ort United.

IL: Uhamba ngamotoni?

Onyango: Yijeep 5. Okwenza ngathenga le moto wukuthi nginomnden­i omkhulu.

IL: Yiluphi uhlelo oluthanday­o kumabonaku­de?

Onyango: Yiprison Break.

IL: Uyasonta? Onyango: Ngiyiprote­stant lokuqina futhi kangikhohl­wa ukuya enkonzweni.

IL: Yikuphi ongaphuma nakho kuqala uma kusuka umlilo endlini?

Onyango: Ukukhipha izingane zami, amagilavu okuvimba namakhokho kwazise yikhona okuyithulu­zi lami lokuphila.

IL: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Onyango: Ngithanda umbala obomvu kwazise ngiyaye ngizibone ngikhanya kuhle kwelanga kuwona.

IL: Yisiphi isilwane osithanday­o?

Onyango: Kasikho. Ngizeseba kabi. Kangifuni ukusondela kuzona.

IL: Usenazo izinhloso zokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le?

Onyango: Uma kwenzeka livela ithuba ngiyoya. Ngiyazi ukuthi bonke abadlali bebhola emhlabeni jikelele bayafisa ukugijima emaligini amakhulu emhlabeni.

IL: Unazo izinhlelo ngemuva kokubeka amakhokho ethala?

Onyango: Ngihlela ukwenza izifundo zebhola ukuze ngiqhubeke nokufaka isandla entsheni esakhula, ngisize nokuhlwaya abadlali. Phela ibhola selifana nomjovo kimina.

IL: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Onyango: Mayibe nogqozi, ingalilahl­i ithemba empilweni. Kumele yazi ukuthi ifuna ukwenzani empilweni.

Kakumele ithathe izinqumo ezingalung­ile. Kumele inga

zihlangani­si nezidakami­zwa.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: GALLO IMAGES/ EZINYE ZITHUNYELW­E ?? UDENIS Onyango ongunozint­i wesundowns akagcini nje ngokwala ukhasha ezintini kwazise uyindoda ekhonze umndeni njengoba ebonakala namadodana akhe ehlezi phezu kwejeep kwesinye sezithombe ngezansi. Kwezinye unozakwabo adlala nabo kwidowns kanti uyazifela...
IZITHOMBE: GALLO IMAGES/ EZINYE ZITHUNYELW­E UDENIS Onyango ongunozint­i wesundowns akagcini nje ngokwala ukhasha ezintini kwazise uyindoda ekhonze umndeni njengoba ebonakala namadodana akhe ehlezi phezu kwejeep kwesinye sezithombe ngezansi. Kwezinye unozakwabo adlala nabo kwidowns kanti uyazifela...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa