IBHOKISA LIZOLANDA IZIBUSISO ENYANGENI
U-INNOCENT “Tycoon” Mantengu uzolanda izibusiso enyangeni yodumo, uthulani “3 Second” Nkwanyana ( osesithombeni) waseMevamhlophe, empangeni, ngaphambi kokuvikela ibhande leInternational Boxing Federation (IBF) All
Africa Junior Feather-weight namuhla ngesonto ntambama KwaMsane Hall, emtubatuba.
Umantengu ovundululwe ngunkwanyana kulo mdlalo, uzobhekana nodoctor Nsele waseFree State. Ubeqeqeshwa nguyena (unkwanyana) esigabeni samaamesha. Ngesikhathi esengena esigabeni esikhokhelayo, unkwanyana umnikeze uthulani “Nkunzi” Magudulela ukuba amqeqeshe futhi amhlelele izimpi. Unkwanyana ubeyibhokisa, kanti manje useqeqesha amabhokisa aphinde ahlele izimpi. Uphinde abe yinyanga engaconsi phansi kwabaningi kubalwa osopolitiki nabaculi abadumile kuleli.
Kuthiwa umantengu uzoqala kunkwanyana nje, yingoba kusolakala ukuthi unsele usebenzisa umuthi kulo mdlalo. Kuzokhumbuleka ukuthi u-anele Makhwelo udlule emhlabeni ngemuva kokuphonsela inselelo unsele obeyingqwele yakuleli ngo-2011. Umakhwelo ukhale ngobuhlungu emlenzeni wangakwesobunxele ngomzuliswano ka-9. Unyangiwe wase ephuthunyiswa esibhedlela. Odokotela babe sebethola ukuthi unehlule okumele lihlinzwe ebuchosheni. Kube sekumenela.
Unkwanyana uthi nguyena ophakamise ukuba umantengu aqale kuyena ngaphambi kwale mpi. Uthe akazile ukuzokhendla, kodwa uzolanda izibusiso nje kuphela. Unsele sekukaningi ephumela obala ngokuthi akasebenzisi muthi. Naye unsele kumthathe isikhathi ukudlulisa isimo sokuthi umakhwelo udlle emhlabeni ngemuva kokulwa naye.
Umantengu utshele leli phephandaba ukuthi akayazi indaba yokuthi uzoqala kunkwanyana ngaphambi kwempi.
Uthe mhlawumbe bekuyima esazoxhumana naye. Nokho uthi bayaxhumana ngoba umfanisa noyise omzalayo. Uthi unkwanyana kuningi amenzele khona ukuze akhule kulo mdlalo.
Lezi zimpi zixhaswe wumnyango Wezemidlalo wakwazulu-natal oholwa ngubongi Sithole-moloi ongungqongqoshe nomasipala wasemtubatuba wona oholwa nguVelangenkosi Gumede oyimeya.