Ilanga Lempelasonto

BASHIYE ABANGALAZI KUMSUBATHI OBEGXEKA UCASTER

- MZWAMANDLA ZONDI

BASHIYE abangalazi abasubathi baseningiz­imu Afrika kupaula Radcliffe wase-united States of America (USA) ophethe irekhodi lo mhlaba labesifaza­ne le Marathon (2:15), osanda kuphumela obala ethi uyahambisa­na nombiko we-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) ogxeka ubulili bukacaster Semenya ongumsubat­hi wakuleli.

Lo mbiko WE-IAAF ubukeka ushayelwe ucaster njengoba kuthiwa kusuka mhla ka-1 kulwezi (November) umgijimi onamandla afuze akacaster, ngeke avunyelwe ukugijima ibanga elingu-400m kuya kwi-mile (1 600m).

Upaula ubhale kwitwitter uku- thi uyahambisa­na nokuhlongo­zwa YI-IAAF. Abasubathi bathe makanake izindaba zakhe ahlukane nocaster.

Abanye bathe kufanele kuphinde kuhlolwe umchamo wakhe ngoba kuyasolisa ukuthi umgijimi wesifazane angagijima isikhathi esingu-2:15 kwimaratho­n.

Bathi kuzothatha iminyaka ukuba kwephulwe irekhodi lakhe.

Ucaster ngolwesihl­anu ugile izimanga ephula irekhodi lakhe le1500m emlenzeni wokuqala weIAAF Diamond League edoha.

Ucaster ubeke u-3:59 ephula u-4:01 awenze ngenyanga edlule kumacommon­wealth Game e-australia.

Ebuzwa ucaster ngabezinda­ba ngemuva komjaho ukuthi awum- phazamisi yini umbiko WE-IAAF, uthe: “Kanginaso isikhathi sokuphendu­la umbhedo mina. Mina ngizogijim­a ngiqhubeke ngephule amarekhodi.”

Omunye umsubathi wakuleli owenze kahle kule midlalo ngucarina Horn naye ophule irekhodi lakhe le-100m wabeka u-10.98 ecisha u-11.03 awenze kwi-liquid Telecom Athletix Grand Prix Series epaarl, ewestern Cape ngombasa (April).

Ukhotso Mokoena ungene unombolo 6 kwitripple Jump.

U-aleck Skhosana onguMengam­eli we-athletics South Africa (ASA), uthe uyababonge­la bonke abenze kahle emlenzeni wokuqala kweli-14 yediamond League.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa