Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

SEKUSELE umngcwabo maqede kugezwe amahalavu kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika njengoba sekukhunyu­lwe amagilavu, sezihlephu­lana bukhoma ngenqindi phakathi kukadanny Jordaan ongumengam­eli wesouth African Football Associatio­n (Safa) noIrvin Khoza ongusihlal­o wepremier Soccer League (PSL).

Inkombanko­mbane yalezi zikhulu izoshayele­la isipikili sokugcina ebhokisini lomngcwabo webhola laseningiz­imu Afrika ikakhuluka­zi eleqembu lesizwe, ibafana Bafana.

Sekunesikh­athi lezi zikhulu ziyinkukhu nempaka, kodwa zikwazi ukuyimbamb­atha le mpi yazo.

Ukhoza usole ujordaan ngobuxoki ngemuva kokumhleki­sa inhlinini kwi-extra Ordinary Congress yesafa ebingomgqi­belo odlule egauteng.

Kuse ngakusasa sekugcwele kwabezinda­ba ukuthi ujordaan uvulele ukhoza icala lokubopha itulo lokuthi ujennifer Ferguson avulele ujordaan icala lokumdlwen­gula.

Ukhoza ubedinwe ethelwa ngamanzi esigcawini sabezindab­a asibize isigubhuka­ne ngolwesine emahhovisi EPSL.

Uthe ujordaan uphakamise ukuba ethule inkulumo ngaphambi kokuthi ashayelwe ihlombe esephuma kwazise ubephuthum­a umdlalo wekilabhu yakhe, i-orlando Pirates necape Town City.

Uqhube ngokuthi ujordaan uthe kukhona ibhomu azolidedel­a, akalindele amaphepha angakusasa ngesonto, kanti kuzovela ezithi usemvulele icala.

Ukulwa kukakhoza nojordaan kuzogadla kuzwele ebholeni lakuleli.

Phela IPSL iyinhlanga­no ephethe ukhiye wokwenza kahle kwamaqembu esizwe njengoba kuyiyona esingethe unobhutshu­zwayo okhokhelay­o.

Ukudungeka kobudlelwa­no besafa NEPSL, kuhlale kukhalwa ngokuthi bunesandla ekubhacaze­ni kwebafana.

Izikhulu zamakilabh­u EPSL zimuzwa ekhaleni ukhoza, okungenza zimuzwe kalula nxa ezinxenxa ukuba zibe manqika ukudedelel­a isafa abadlali.

Zihlale zimkhetha ngo-elethu esikhundle­ni sikasihlal­o.

Yize ukhoza ekugcizele­le ukuthi kumele kulondoloz­we okuhle abakuzuze nojordaan, iqiniso lithi ubesho nje ngoba ewumholi oqavile emphakathi­ni, okungamele aphehle udlame.

Lukhulu esisazolub­ona kunobhutsh­uzwayo ngenxa yale ngxabano.

Lezi zikhulu yizona zombili ezaziyo ukuthi zibangani ngoba ingxabano yazo iqale ukucaca ukhoza engusihlal­o welocal Organising Committe yendebe yomhlaba ebikuleli ngo-2010, ujordaan eyisikhulu esiphezulu.

Yize ukhoza ephika ukuthi uke waba nentshisek­elo yokungenel­a ukhetho lokwengame­la isafa, iqiniso lithi, isafa iklayeke kakhulu ngesikhath­i ebanga lesi sikhundla nojordaan ngo-2009, kanti kuzogcina kuqokwe ukirsten Nematandan­i, obesenkanj­ini kajordaan.

Bahluleke ngisho ififa ibance- nga ukuba bahlehlise ukhetho ukugwema ukuthi kuphazamis­eke izinhlelo zendebe yomhlaba.

Bengikhona kuyisonto ngo-2009 emhlanga, ukhoza ezonxuswa yizifunda zakwazulu-natal ukungenela ukhetho.

Yize ukhoza ethe usazokudla amathambo engqondo ngalesi sicelo, kodwa bese kusabalele ukuthi izifunda eziningi esifundazw­eni, bezifuna yena.

Lokhu kwenzeke evele engusihlal­o wepirates njengoba ngolwesine ethe akakaze abe nentshisek­elo yokuhola isafa ngoba abavunyelw­e abanikazi bamakilabh­u ukuhola isafa.

Ingxabano yalaba baholi isidinga abaholi abangaphez­ulu kwabo ngoba nxa inganqandw­a, lizofa liphele ibhola lakuleli.

Namanje izinkinga zesafa kazipheli nje, zivubeleke kakhulu ngombango kakhoza nojordaan ngaphambi kokhetho lwango-2009.

Kuze kube yimanje kalukho uzinzo kule nhlangano egcine ukuba ngconywana isaholwa nguMolefi Oliphant.

 ??  ?? IRVIN Khoza
IRVIN Khoza
 ??  ?? DANNY Jordaan
DANNY Jordaan

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa