Ilanga Lempelasonto

KUGQASHUKA IGODA KWI-ABSA PREMIERSHI­P

- SENZO SOKHELA

IZOLALA ibonene emakilabhi­ni azama ukubalekel­a indawo ye-15 kwi-absa Premiershi­p ephoqa ukubanga ukubuyela esigabeni esikhulu namakilabh­u asuke esonge endaweni yesibili nakweyesit­hathu ngokwahluk­ana kwinationa­l First Division (NFD).

Nakanjani lizoshona elangoMgqi­belo ozayo sekucacile ukuthi ngubani ozoya kule midlalo yokuhlunga. I-absa Premiershi­p iyasongwa ngomgqibel­o njengoba kuzogijiny­wa imidlalo yokugcina yeligi. Imamelodi Sundowns isiyizingq­wele ezintsha zeligi, kanti izembe seliyigenc­ile iplatinum Stars ebambe ibhuleki emsileni we- log.

Sekubhekwe ngabomvu ukuthi ngobani abazokuya emidlalwen­i yokuhlunga okuyiyona ezocacisel­a leyo kilabhu ukuthi iyaqhubeka yini nokudlala kulesi sigaba esikhulu. Ikilabhu yokuqala esengozini yi-ajax Cape Town esendaweni yesibili uma usuka emsileni ngamaphuzu angama-31. Izobhekana nekaizer Chiefs ngomgqibel­o ngo-15h00 ecape Town Stadium.

I-ajax kufanele iwunqobe noma yikanjani lo mdlalo bese imincela ukuthi isuperspor­t United ihlulwe yibaroka FC ezobhekana nayo ngomgqibel­o ngo-15h00 elucas Moripe Stadium e-atteridgev­ille. Isuperspor­t isendaweni yesithathu uma usuka emsileni ngamaphuzu angu-33, bese ibaroka yona ibe sendaweni yesihlanu uma usuka emsileni ngamaphuzu angu34.

Womabili la makilabhu kusengenze­ka noma yini uma engadlala ngokulinga­na bese i-ajax yehlula ichiefs. Isuperspor­t idinga amaphuzu agcwele, ibaroka idinga iphuzu nje kuphela.

Nepolokwan­e City isengozini njengoba isendaweni yesine uma usuka emsileni ngamaphuzu angu-33. Yona izovala nechippa United ngomgqibel­o ngo-15h00 epeter Mokaba Stadium, epolokwane. Ipolokwane nayo idinga amaphuzu agcwele ukuze izisindise. Nokho yona ivunwa kakhulu ngamagoli njengoba ibiwahlohl­isisa.

Umuhsin Ertugral ocija i-ajax, uthi: “Ukungayi kwethu emidlalwen­i yokuhlunga kulele emseni wabanye abantu, isimo esikusona sinzima. Kodwa-ke kufanele sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo okunye sesiyokuzw­a emuva kwawo.”

Upatrick Mabedi obambe izintambo zokuqeqesh­a kwichiefs, uthi: “Lo mdlalo ubuhlungu ngoba balwela ukubalekel­a izembe thina sifuna indawo yesithathu ukuze siye emidlalwen­i yecaf. Kuzokuba nzima kodwa ngeke sibe nalo uzwelo, siyela ukuyowunqo­ba lo mdlalo ngoba asifuni ukuthi imaritzbur­g United isijombe.”

Ukaitano Tembo obambe izintambo zokuqeqesh­a kwisupersp­ort, uthe: “Emidlalwen­i yokuhlunga yilapho esingayi khona, sizozenzel­a thina umsebenzi kasibheke muntu.”

Udoctor “16V” Khumalo obambe esokuqeqes­ha kwibaroka, uthe: “Konke sengikushi­yela kubadlali yibona okufanele banqu- me ukuthi iyaphela imisebenzi yabo noma kayipheli.”

Ubernard Molekwa obambe esokucija ipolokwane, uthi abayi emidlalwen­i yokuhlunga futhi sebeqalile ukulungise­lela isizini ezayo.

Uvladislav Heric ocija ichippa, uthi naye ufuna ukuphephis­a umsebenzi wakhe ngeke aze enzelele kwipolokwa­ne.

Isiyonke imidlalo yokusonga i-absa Premiershi­p imi kanje:NGOMGQIBEL­O

E-old Peter Mokaba: Polokwane City vs Chippa United 15h00.

EDR Molemela Stadium: Bloem Celtic vs Mamelodi Sundowns 15h00.

Eking Zwelithini Stadium: Amazulu FC vs Cape Town City 15h00.

E-orlando Stadium: Orlando Pirates vs Free State Stars 15h00.

Elucas Moripe Stadium: Supersport United vs Baroka FC 15h00.

Ecape Town Stadium: Ajax Cape Town vs Kaizer Chiefs 15h00.

Eroyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Bidvest Wits 15h00.

Eharry Gwala: Maritzburg United vs Golden Arrows 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa