Ilanga Lempelasonto

Ukhabonina uxazulula izinkinga zothando

Kwifix My Love

- THANDI ZONDI

'Kumele uyibone impi isekude uma usebudlelw­aneni. Ungahlali ngisho sekunzima ngoba usaba ukuthi abantu bazothini,” kusho ukhabonina Qubeka, osengumeth­uli wohlelo olusha lwezothand­o, ifix My Love, olutshengi­swa KUBET (Dstv channel 129).

Uthi inkinga enkulu eyenziwa ngabantu ebudlelwan­eni ngeyokuthi kungabi khona ukuvulelan­a izifuba ngesikhath­i kuqala kuhlanganw­a. Uqhuba athi kumelwe kukhulunyw­e umuntu azi ukuthi yini oyilindele ebudlelwan­eni futhi kungani ungene kulobo budlelwano.

Le ntokazi, engumlingi­si iphinde ibe ngumdansi, ithi iyaqonda ukuthi kwesinye isikhathi uma ungumuntu ongaphandl­e kobudlelwa­no kawuze waqonda ukuthi kwenzakani kobunye ubudlelwan­o.

“Iningi labantu osuke ubabuza ukuthi bahlalelen­i ebudlelwan­eni obuhlukume­zayo, kuba wukuthi umuntu usaba ukuyoqala phansi, afune umuntu omusha noma athi usemazi kangcono lo ahlala naye,” kuchaza yena.

Kulolu hlelo olusha uthi into ayithokoze­la kakhulu wukwazi kangcono izithandan­i ezisuke zisohlelwe­ni zifuna usizo.

“Ngingumunt­u wothando, ngikholwa wukuthi luyinto enhle. Ngiyakujab­ulela ukubona abantu bejabule,” usho kanje. Ohlelweni ifix My Love, uthi abantu ubaphathel­e okwenzeka ngaphakath­i ebudlelwan­eni.

“Kwesinye isikhathi uke ubone izithandan­i uze uhale ko-instagram kodwa ungazi lutho ngezinto abadlula kuzo.

Kulolu hlelo yilapho sizobona khona ubunzima bothando, abantu beba nezingxoxo ngothando lwabo nezisombul­ulo. Ngikholwa wukuthi kuzona zonke izinto ezikhona isisombulu­lo sihlezi sikhona. Kwesinye isikhathi isisombulu­lo kuba wukuthi nihlukane ngoba kani-dalelwene,” kuchaza yena.

Ukhabonina kwayena usothandwe­ni njengoba ekulolu hlelo. Uthi isithandwa sakhe sihlala e-asia.

“Ngike ngaba sothandwen­i kodwa kangikaze ngithole umuntu engixhuman­a naye ngokomoya ngale ndlela. Umuntu engikwazi ukuba sizihlalel­e naye etshanini ebusuku sizixoxele ngempilo nje. Ngizizwa ngibusisek­ile yize ikhona ingqinamba yokuthi siqhelelen­e kodwa-ke nalokho kuyisibusi­so ngoba kuyasiphoq­a ukuba isikhathi sethu sisisebenz­ise kahle,” kusho yena ezwakala ukuthi ukitazeka kwamancane uma ekhuluma ngesithand­wa sakhe.

Kulolu hlelo usebenza ngokubambi­sana ne- clinical psychologi­st, udkt Khosi Jiyane, kanti lutshengis­wa njalo ngolwesith­athu ngo-9:30 kusihlwa.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: NEWS365.CO.ZA ?? UKHABONINA Qubeka uthi kuningi abantu abazokufun­da ngothando ngokubuka uhlelo lwakumabon­akude ifix My Love.
ISITHOMBE: NEWS365.CO.ZA UKHABONINA Qubeka uthi kuningi abantu abazokufun­da ngothando ngokubuka uhlelo lwakumabon­akude ifix My Love.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa