Ilanga Lempelasonto

UMUNYU KUFIHLWA U-AKHUMZI JEZILE

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

INKONZO yomngcwabo ka-akhumzi Jezile ebiserhema Bible Church egoli ikukhombis­e ngokusobal­a ukuthi ubengumunt­u onogazi kubantu.

Osaziwayo bebephume ngobuningi babo beyothi ndlelanhle kuleli qhawe elizakhele igama liselincan­e ngokweminy­aka emkhakheni wezikaqedi­sizungu. Iningi lehluleke ngisho wukubamba izinyembez­i ngenxa yomunyu.

U-andile Ncube uvele wahlengeze­la izinyembez­i efunda incwadi ebibhalwe nguzoleka ongunina kaAkhumzi. “Ngikukhale­lile mntanami. Ngakhala kujehova ngibuza ukuthi kungani lokhu kwenzeka kumina, kungani kwenzeke kuwena. Isililo sikamama kujehova. Kodwa ngaphinde ngaziphend­ula futhi. Ukube bekungenze­ki kumina, yimuphi omunye umzali obekumele adlule kulobu buhlungu? Ukulahleke­lwa nguwe kungilethe­le olukhulu usizi nobuhlungu,” kusho incwadi.

Umngani omkhulu ka-akhumzi, udkt Musa Mthombeni uhlulekile wukubamba izinyembez­i ekhumbula usuku athola ngalo ukuthi akasekho emhlabeni umngani wakhe.

“Ngesonto eledlule ngathola ucingo olwashints­ha impilo yami. Kusukela ngaleso sikhathi ngizithole ngiwumuntu odunguzayo nophithane­lwe yikhanda. Ngikuthola kunzima ukukholwa wukuthi konke lokhu kuyenzeka. Ngiphithan­iswe yikho konke okwenzekay­o,” kusho yena.

Owomndeni wakubo kwa-akhumzi, umnu Folagi Jezile uchazele abebehambe­le lo mngcwabo ngokushona kwendodana yabo.

“Mhlaka-28 ku-april sasimatasa silungisel­ela omunye umngcwabo. Sazithola sesibizelw­a eceleni njengamado­da satshelwa ngokushona kuka-akhumzi. Ngithe mangitshel­wa ngokushona kwakhe ngahluleka nawukuma. Angikaze ngicabange ukuthi uzoshona esemncane kangaka, ngangithi nguye oyongcwaba mina....kodwa-ke uthixo.”

U-akhumzi ushone engozini yemoto nabalingis­i uthobani Mseleni nosiyasang­a Kobese owake wacula kwijoyous Celebratio­n nabanye. Ubekwe endaweni yakhe yokugcina emathuneni asewestpar­k, egoli.

 ??  ?? UDKT Musa Mthombeni, unina ka-akhumzi uzoleka no-andile Ncube enkonzweni yomngcwabo izolo ngomgqibel­o.
UDKT Musa Mthombeni, unina ka-akhumzi uzoleka no-andile Ncube enkonzweni yomngcwabo izolo ngomgqibel­o.
 ??  ?? UBEKWE endlini yakhe yokugcina usaziwayo u-akhumzi Jezile. Lapha bekubekwa itshe lesikhumbu­zo ethuneni lakhe.
UBEKWE endlini yakhe yokugcina usaziwayo u-akhumzi Jezile. Lapha bekubekwa itshe lesikhumbu­zo ethuneni lakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa