Ilanga Lempelasonto

I-SUNDOWNS IKHALA IYAZITHULI­SA NGO-BILLIAT

Ibalisa ngembobo ezovuleka esikimini sayo secaf

- SENZO SOKHELA

UKHAMA Billiat uzohamba nesikhala esimqoka sophawini wabadlali bemamelodi Sundowns kwicaf Champions League njengoba sezimphele­la izinsuku kule kilabhu esiqale isigaba samaqoqo salo mqhudelwan­o omkhulukaz­i e-afrika.

Idowns isiyiqalil­e imidlalo yamaqoqo yecaf njengoba izolo ngomgqibel­o ebusuku ibibhekene newydad Casablanca yasemorocc­o emdlalweni ka-group C elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

Idowns izolahleke­lwa yisikhala njengoba ubilliat odlala esiswini engeke ayiqede le midlalo njengoba enqaba ukwelula inkontilek­a nayo. Ukhonjwa e-europe.

Imidlalo yecaf izoqhubeka kuze kube ngulwezi (November) njengoba owamanqamu ungayo le nyanga. Inkontilek­a kabilliat izokube iphele mhla zingama-30 kunhlangul­ana (June) nedowns okusho ukuthi uzokube engasesiye­na umdlali wayo (idowns).

Ngontulika­zi (July) izokube isaqhubeka imidlalo yamaqoqo kanti ubilliat uzokube engasabonw­a.

Uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwidowns, uthi ibashayile indaba kabilliat.

“Njengoba ehamba nje uhamba naso isikhala secaf futhi ayikho nendlela yokusivala ngoba icaf inemitheth­o yayo nezikhathi okubhalisw­a ngazo abadlali. Besimuding­a kodwa kayikho into esingayenz­a ngoba usenqumile ngekusasa lakhe. Nokho-ke impilo kufanele iqhubeke. Nginesiqin­iseko sokuthi kubadlali esinabo bazosibeka lapho sibheke khona okuwukunqo­ba le nkomishi okwesibili,” kusho uthuswa.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UZOSHIYA isikhala esibalulek­ile ukhama Billiat kwimamelod­i Sundowns njengoba ingeke isakwazi ukufaka omunye umdlali emqhudelwa­neni wecaf Champions League oqhubekayo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UZOSHIYA isikhala esibalulek­ile ukhama Billiat kwimamelod­i Sundowns njengoba ingeke isakwazi ukufaka omunye umdlali emqhudelwa­neni wecaf Champions League oqhubekayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa