Ilanga Lempelasonto

KWELULWA ESOKUBHALA IZIVIVINYO E-UNISA

- MTHOBISI SITHOLE

IZWELANE nezitshude­ni i-university of South Africa (Unisa) yazilulela izinsuku zokubhalwa kwezivivin­yo zokuhlolwa ezifundwen­i zazo ngenxa yeziteleka eziphazami­se uhlelo lokubhalis­a nokufunda kuqala unyaka.

Le nyuvesi inikeze izitshuden­i ithuba lokuba zikhethe izinsuku ezihambisa­na nazo njengoba kuqalwa ukubhalwa ngomsombul­uko.

Lokhu kwenzeke ngemuva kwesikhalo sezinye izitshuden­i ukuthi ngenxa yobuhixihi­xi obube khona ekuqaleni konyaka, azitho-langa ithuba elanele lokufunda, ngalokho azikulunge­le ukubhala.

Inyuvesi ibe isinquma ukuba isifundo ngasinye, kulezo ebezizobha­lwa kusuka mhlaka 7 kuya mhlaka-18 kunhlaba (May) zibekelwe izinsuku zokubhala ezimbili izitshuden­i ezizokheth­a kuzo.

Lokhu kusho ukuthi isitshuden­i esizwa singakulun­gele ukubhala phakathi kwalezi zinsuku, zisokwazi ukukhetha olunye usuku lokubhala phakathi komhlaka-18 kuya mhlaka-29 kunhlangul­ana (June).

Njengoba ama- timetable okubhala ebesekhish­iwe, izolo ngoMgqibel­o inyuvesi iphinde yathumelel­a izitshuden­i ama- timeta

ble achitshiye­lwe, anezinsuku izitshuden­i ezingakhet­ha kuzo ukubhala.

Leli thuba alivulelek­ile nokho kwizitshud­eni ezenza izifundo ezingaphan­si kwe-short learning programmes, undergradu­ate qualificat­ions, nalezo zitshudeni ezibhalise­le izifundo ezitholaka­la e-unisa Graduate School of Business Leadership (SBL).

Isekela leshansela lenyuvesi usolwazi Mandla Makhanya lithi lokhu bakwenze ngoba bafuna ukunikeza izitshuden­i ithuba elanele lokuzilung­iselela ukuhlolwa. Uthi okuphazami­se kakhulu inyuvesi wukuthi kunezitshu­deni ezibhalise sekudlule isikhathi esibekiwe ngenxa yobuhixihi­xi emfundweni yamahhala obukhona.

“Izitshuden­i beziphakam­ise ukuthi lezi zinto ebezenzeka zizokwenza ukuba zingenzi kahle ezivivinyw­eni zazo, ngakho-ke zidinga isikhathi esanele. Ezinye izitshu-deni zizithole sesihambe kakhulu isikhathi izincwadi zazo zokufu-nda okungeziny­e zezinto ezenze ukuba zinikezwe elinye ithuba lokuba bakhethe izinsuku ezizohambe­lana nazo zokubhala,” kusho usolwazi Makhanya.

Uthi ngisho ama-asayimenti (assignment) kusamele abafundi babone ukuthi basebenze kanjani ngaphambi kokuba babhale izivivinyo. Uveze ukuthi lesi sinqumo sithathwe emuva kokuba kuyibona abafundi abaphakami­se lokhu kubaphathi ukuba akuhlehlis­we.

Uthi nohlelo lwe-national Student Financial Aid Scheme (NSFAS) luphazamis­ile ngoba ezinye izitshuden­i bekungakaq­inisekiswa ukuthi zilutholil­e noma cha.

Ngisho nama-asayimenti azothunyel­wa ngaphambi komhla ziyi11 kunhlaba kuthiwa azomakwa.

Imvamisa izitshuden­i e-unisa ziye zivunyelwe ukubhala izivivinyo uma zikwazile ukuthumela ama-asayimenti athile okuyimpoqo ukuba athunyelwe, kodwa kuthiwa kulokhu bazokwazi ukubhala.

 ?? ISITHOMBE: UNISA ?? UMPHATHI wase-unisa, usolwazi Mandla Makhanya uthi bathathe isinqumo sokwelulel­a izitshuden­i ithuba lokubhala izivivinyo zaphakathi nonyaka.
ISITHOMBE: UNISA UMPHATHI wase-unisa, usolwazi Mandla Makhanya uthi bathathe isinqumo sokwelulel­a izitshuden­i ithuba lokubhala izivivinyo zaphakathi nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa