Ilanga Lempelasonto

I-APP ENTSHA YEZOBUMNAN­DI

- ZOWAKHA MBATHA

BAZOBUTHOL­A sebusongwe ndawonye ubumnandi obenzeka ezindaweni ezahlukene kwi-app entsha efolose ngesibabul­i esingumsak­azi wey FM ukhutso Theledi.

Le App ebizwa nge-we Party izosakaza ezobumnand­i ezenzeka bukhoma ezindaweni zenjabulo ezweni lonke ukuze abathandi bobumnandi bazikhethe­le ukuthi bazoshona ngaphi.

Ngale kokuveza izinto ezenzeka ezindaweni zenjabulo, le App izophinde isakaze izingxoxo nabaculi kanye nokwethulw­a kwemiseben­zi yabo bukhoma njengakwit­helevishin­i uqobo.

Nalaba abahlela amafestiva­li bazobe bekhonjisw­a bukhoma kusukela besawahlel­a kuze kube sekugcinen­i.

Umnu Itumeleng Mohlahlo ongumsungu­li wale-app okulindele­ke ithokozelw­e kakhulu yintsha uthi inhloso wukuthi ukwazi ukubona okwenzekay­o ngaphambi kokuba uze uphume nasendlini.

“Ungayifani­sa le App nenqoloban­e yezwelonke yenjabulo. Sinezivume­lwano nezinkampa­ni zokuqopha umculo ukuze kuvele imisebenzi yabaculi kusukela besapheka, kuze kube yisikhathi lapho sekwethulw­eni khona umsebenzi noma sebecula ezinda-weni ezahlukene.

"Sinezivume­lwano futhi nezindawo ezidumile zokujabuli­sa abantu okungama-club, amalounge noshisanya­ma ezisezinge­ni eliphezulu ezingama-320.

Ukhutso uzobe esengena ophikweni lwale App oluyithele­vishini njalo ngomsombul­uko nalapho ezobe egoqa obekwenzek­a ngempelaso­nto, esitshela nangokuzok­wenzeka kulelo sonto eliqalayo.

Nakanjani iyaqala ukusebenza ekuqaleni kukanhlang­ulana (June) kodwa konke sekumi ngomumo,” kusho umohlahlo.

Ukhutso ugqame ngokwethul­a uhlelo lwasemini yasekuseni (09h00-12h00) kwiy FM olubizwa ngekrunch Till Lunch, aphinde abe ngumethuli wezinhlelo zethelevis­hini.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHUTSO Theledi ongubuso be-we Party.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHUTSO Theledi ongubuso be-we Party.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa