Ilanga Lempelasonto

Maziqine izigwebo kwababulal­a abesifazan­e

-

UKUHLUKUNY­EZWA nokubulawa kwabesifaz­ane yilabo abanobudle­lwane nabo kubukeka sekufike kwelinye izinga kuleli.

Lokhu kwenzeka phezu kwemizamo yamaqembu ezombusazw­e nezinhlaka zikahulume­ni yokuthuthu­kisa abesifazan­e, bafakwe ezikhundle­ni eziphezulu emazingeni kahulumeni nasezinkam­panini ezizimele.

Kuleli sonto nje kube nezigameko ezimbili ezenzekile, eziqhakamb­ise ukuthi phezu kwemizamo yokwenza ngcono isimo sabesimame, kodwa usemkhulu umsebenzi osele wokufundis­a abesilisa ukuthi abesifazan­e kabayona impahla yabo (abesilisa), abangenza noma yini ngayo.

Egoli ijaji lenkantolo enkulu ligwebe usandile Mantsoe ngecala lokubulala isithandwa sakhe, ukarabo Mokoena (22), waqeda lapho washisa isidumbu sakhe ngoba ezama ukushabala­lisa ubufakazi.

Le nsizwa esencane igwetshwe iminyaka engu-32 ibhadla ejele. Yenza leli cala nje, ibikade iphila impilo ephezulu, ihlala endaweni yomntakaba­ni, esandton, egoli.

Kanti la Kwazulu-natal, umfundi wasemangos­uthu University of Technology, unkz Zolile Khumalo, 21, kusolwa ukuthi udutshulwe wabulawa ngowayeyis­oka lakhe ngolwesibi­li ehositela elihlala abafundi bale nyuvesi elisenkabe­ni yetheku.

Kuthiwa umsolwa wenze lokhu ngoba egajwe yisikhwele, ecasulwe wukuthi unkz Khumalo umtshele ukuthi ucu kalusahlan­gani entanyeni.

Ngokwemith­ombo yaleli phephandab­a, umsolwa oneminyaka engu-23, ubesezipho­thulile izifundo zakhe kuyona le nyuvesi, esezoqala ukusebenza azimele, kuyo le nyanga.

Okwenzekil­e yinhlekele­le emindenini emibili. Okankz Khumalo sinesiqini­seko sokuthi ubunezifis­o ezinhle ngendodaka­zi yawo, nokamsolwa nawo obusuthemb­e ukuthi uzoba nekusasa eliqhakazi­le.

Kuyadabuki­sa ukuthi zombili lezi zehlakalo zithinta abantu abasebasha, abebebukek­a benekusasa eliqhakazi­le.

Umbuzo ovelayo uthi, kudalwa yini ukuba enye intsha yakithi iqome ukubulala ngesihluku labo esuke ithi iyabathand­a uma izinto sezingaham­bi kahle?

Lo mbuzo kawunayo impendulo elula. Ngokubona kwethu, abazali kufanele badlale indima yabo yokuba ngabazali, beluleke izingane zabo ngendlela yokuziphat­ha kanye nezinto ezibalulek­ile empilweni - hhayi ukujaha izindaba zokuthanda­na - okungaba yimfundo nokuzakhel­a igama elihle emsebenzin­i ngokuseben­za ngokuzimis­ela.

Kungakuhle futhi ukuthi ziqiniswe izigwebo kulabo abahlukume­za noma babulale abesimame ukuze labo abatholwa benamacala okwenza okubi, bezoba yisibonelo kwabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa