Ilanga Lempelasonto

USENGENE EMCULWENI "U-SLAY QUEEN"

- LUCKY CAIN

USENGENE emculweni ozakhele udumo ezinkundle­ni zokuxhuman­a usbongisen­i Mbele owaziwa ngelikabob­o kodwa abaningi asebembiza ngo-slay Queen. Uslay Queen usezakhele igama ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngenxa yama- video akhe asabalele kulezi nkundla, avela kuwona ezibiza nge-slay Queen. Leli gama lisetshenz­iswa uma kubizwa abesifazan­e abasebanca­ne kodwa abathanda ukuba “sezintweni”. Le nsizwa efunda esikoleni sabathatha kancane engqondwen­i isingene emculweni njengoba isiqalile ukubonakal­a ezindaweni zobumnandi.

Unkululeko Sokhela odume ngelikamaf­utha futhi ongumnikaz­i wenkampani I-OYS Entertainm­ent ngokubambi­sana nongcebo Luhlongwan­a okuyiyona eqopha ubobo uthi idumela lakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a yilona elenze bathatha isinqumo sokumfaka e-studio.

“Sibonile ukuthi abantu bayamthand­a futhi naye uyakwazi uku- jabulisa abantu. Yingakho sikhethe ukuba simqophe,” kusho umafutha.

Uthi ubobo useqalile ukucula ingoma yakhe ezindaweni zobumnandi ezakhelene nondengezi.

Ubobo ngowakulon­a leli lokishi kanti ngokusho kukamafuth­a usedume njengesink­wa.

“Kuningi esimhlelel­e khona ngengoma yakhe njengoba nabantu uma eyicula bekhombisa ukuyithand­a. Sihlela ukuba siyifake emsakazwen­i futhi aqashwe nasezindaw­eni ezahlukene ajabulise abantu,” eqhuba.

Umafutha uthe bayajabula ukuthi nomndeni wakhe uyabeseka ngesinqumo sokufaka ubobo emculweni. Inkundla yokuxhuman­a isiphenduk­e indlela yokufaka osaziwayo abehlukene emkhakheni wezikaqedi­sizungu. Kuzokhumbu­leka ukuthi osaziwayo okubalwa kubo, umlindo The Vocalist, Zodwa Wabantu, Kim The Artist bangabanye abaqale ukuduma ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHUMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGENA emculweni ubobo odume ngelikasla­y Queen, ozakhele udumo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.
ISITHUMBE: SITHUNYELW­E UNGENA emculweni ubobo odume ngelikasla­y Queen, ozakhele udumo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa