Ilanga Lempelasonto

USENZIWA IHLAYA UMENGAMELI

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

KUYAZIWA ukuthi ezinkundle­ni zokuxhuman­a kunabantu abanekhono eliyisiman­ga lokuguqula izinto ngisho ngabe zibaluleke kangakanan­i noma zijule kanjani, kodwa bona bazenze ihlaya.

Ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule, iningizimu Afrika ibhekane nesimo esingesihl­e lapho kuqale kwenzeka okungavami­le kokwenyuka kwe-vat, kwathi kusenjalo kwalokhu kwenyuka intengo kaphethilo­li izikhathi zilandelan­a.

Lokhu kwenze ukuba abanye abantu baseningiz­imu Afrika bagxeke umengameli wakuleli, umnu Cyril Ramaphosa othathe izintambo zombuso ekuqaleni kwalo nyaka. Bakhala ngokuthi selokhu kungene yena nje, kwenyuka izinto ngendlela engajwayel­ekile.

Lesi simo siholele ekutheni abantu bagcine sebephendu­la umengameli ihlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a, besabalali­sa imibhalo ehlekisayo ngaye ( meme). Noma yini eyenyukayo abantu bagcina sebeyiyama­nisa negama likamengam­eli. Kuzokhumbu­leka ukuthi umnu Ramaphosa uqha- muke nomkhankas­o othi “Thuma Mina”, ahlose ngawo ukuba kusetshenz­elwe umphakathi. Abantuke bahlale kuwona lo mnkankaso bamphendul­a ihlaya ngawo.

Abanye bashintshe nendlela yokukhulum­a, kuthi uma beqonde ukwenyusa into bethi bayayirama­phosa - njengokuth­i nje uma umuntu eqonde ukuthi awungenyus­ele umsakazo, athi a"wungiRamap­hosele i- volume lapho emsakazwen­i”.

Ezithomben­i ezingenhla ngeminye yemibhalo esatshalal­iswa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ihlekisa ngomengame­li.

 ??  ?? ABANTU sebephendu­le yonke into eshiwo ngumengame­li wezwe wakuleli, umnu Cyril Ramaphosa ihlaya benza ama-meme ezinkundle­ni zokuxhuman­a.
ABANTU sebephendu­le yonke into eshiwo ngumengame­li wezwe wakuleli, umnu Cyril Ramaphosa ihlaya benza ama-meme ezinkundle­ni zokuxhuman­a.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa