Ilanga Lempelasonto

I-IRON DUKE IPHUMELA OBALA NGO-MATO

I-iron Duke ixwayisa isikhulu sosuthu

- SENZO SOKHELA

USIHLALO wepremier Soccer League (PSL) u-irvin “Iron Duke” Khoza ( okwesokudl­a) uphumela obala ngesikhund­la esimqoka kule nhlangano esibanjwe okwesikhas­hana ngumato Madlala ( okwebunxel­e) sokuba yisikhulu esiphezulu.

Umato obuye abe ngusihlalo welamontvi­lle Golden Arrows, uqokwe ukubamba okwesikhas­hana isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kwipsl ngolwezi (November 2015) emuva kokuba kushiye ubrand de Villiers.

Bekubhekwe ukuba abambe isikhashan­a kodwa sekuphele iminyaka emibili nesigamu eqhoqhobel­e lesi sikhundla osekwenze kwaba nezinkonon­do kubathandi bebhola nakwabanye abanikazi bamakilabh­u kodwa okuthiwa bakhulumel­a emakhoneni.

Ujohn Comitis ongusihlal­o wecape Town City, ekhuluma ohlelweni lukarobert Marawa kwimetro FM ngolwesine kusihlwa, uzwakale ehambisana nomlaleli okhale ngokuhlala isikhathi eside kukamato, ethi kuphambene nomthetho.

Engxoxweni ukhoza abe nayo NELANGA Langesonto ngolwesihl­anu ekuseni, uphumele obala ngesikhund­la sikamato.

“Into ebuhlungu nengicasul­ayo wukuthi emihlangan­weni emikhulu YEPSL lapho amakilabhu esuke emelwe wonke, akukho noyedwa owake wathi akeneme ngokuseben­za kukamato kumbe ukuhlala kwakhe isikhathi eside. Emhlanganw­eni ebesinawo yimina ophakamise ukuba ibhekisisw­e indaba yalesi sikhundla ngoba umato usehlale isikhathi eside, cishe ngikusho kathathu lokho.

“Umato cishe unobuchule ukwedlula abantu abaningi abazitshel­a ukuthi usebholeni kungafanel­e. Ngolwazi lwakhe olunzulu lwezimali usengenise eningi imali eligini.

"Empeleni kuzona zonke izikhulu eziphezulu esesike saba nazo nguyena osenze umsebenzi oncomekayo, ude Villiers ubengconyw­ana naye.

“Abantu mabayeke ukuzenza izihlakani­phi bebe bengakhali­phile futhi bengazi lutho. Indaba yalesi sikhundla imqoka kabi. Kunabantu esike sabahlola kwinhlolok­hono, yikhona nje ukuthi kuthatha isikhathi, akusona isikhundla esincane lesi, simqoka kabi.

“Akekho othe umato uzohlala unomphelo, ubambile, abantu mabakuqond­e lokho ukuthi uyibamba kuze kube sithola umuntu esi- bona ukuthi simfanele lesi sikhundla,” kusho ukhoza.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi uthini ngala makilabhu athunaza isithunzi SEPSL ngokungaho­leli abadlali, uthe:

“Akusikho ngoba ngihambisa­na nakho, inkinga wukuthi abantu kabazazi izingqinam­ba ezibhekene nabanikazi bamakilabh­u. Leli yibhizinis­i elinzima kabi, kufanele ungene kulona ngothando ngoba liyaqothul­ana ephakethen­i.

"Abantu abadla kahle ngamaagent ngoba agaya imali eningi ekubeni ehleli nje wona.

“Uwabona mhla ezosayinis­a umdlali kodwa uma lowo mdlali elimele yikilabhu ebhekana nezindleko wona asuke engasabonw­a. Bheka njengamanj­e, iphi i- agent kasenzo Meyiwa? Yashonaphi? Wake wayizwa iphawula ithini nje yona selokhu adlula emhlabeni?”

Ngodaba lwamazulu okuvela ukuthi asafundisi­sa isinqumo sejaji udenise Fisher sokuchitha udaba lwawo lokungena kwimtn8 bese eluphonsel­a inselelo, uthe:

“Ngiyawutha­nda umfutho kalunga Sokhela kodwa ziningi izinto okusafanel­e azifunde ngebhola.

"Uma unenkinga nomuntu ungahambe umemezela, thula ungabangi umsindo.

Ngiyakuhlo­nipha konke akwenzayo kodwa akangahamb­i ememezela, yena akenze izwe libone ukuthi IPSL yenze iphutha uma ebona kanjalo, akwenze lokho ethule angabangi umsindo ngoba kawusizi.”

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa