Bacishe banyomfa umngcwabo kasobukwe
Iqeqebana LEPAC belifuna uholwe yilona
KUGXEKWE kakhulu ukusuka kwesiphithiphithi emgcwabeni wesishoshovu sezepolitiki, unkk Zondeni Veronica Sobukwe (91), obebuye abizwe ngemother of Azania, izolo egraaff Reinet e-eastern Cape, nobengumfelokazi kamnu Robert Mangaliso Sobukwe naye ongasekho emhlabeni.
Unkk Sobukwe ushonele kwakhe ngolwesithathu olwedlule emuva kokulaliswa esibhedlela imidland Hospital khona egraaffReinet amasonto amathathu.
Lo mngcwabo, obusingethwe ngokwezinhlelo zikahulumeni, ngomnyango kankk Nosiviwe Mapisanqakula ongungqongqoshe wezokuvikela (ngaphansi kwesigaba sesibili nesichaza ukuthi uhulumeni wenza izinhlelo ngokubambisana nomndeni), uphenduke inhlekelele zisuka nje. Iqeqebana LEPAC, eyasungulwa ngumyeni kamama Sobukwe, belifuna uholwe yilo.
Izigagayi ZEPAC, okuyimanje inezinkinga zombango wobuholi, zishaye phansi ngonyawo sekumele kuqale uhlelo, zithi IPAC kumele ibe phambili nakuba besifakiwe isikhulumi esizoyimela ohlelweni.
Nomholi wayo okolunye uhlangothi olubangayo, umnu Narius Moloto uvinjiwe ukungena lapho bekwenzelwe khona inkonzo yo- mgcwabo.
Ukushuba kwesimo kuholele emdonsiswaneni ogcine ngokuba uhulumeni uhoxe kulo mngcwabo, nesekela likamengameli wezwe umnu David Mabuza obekumele athule inkulumo emele uhulumeni uphoqeleke ukuba awushiye phakathi. Esinye sezigagayi ZEPAC, eligcine lingatholakalanga igama laso, siqonde esiteji sathi lona wumngcwabo WEPAC, ngakho uhlelo sizoluphatha ngokubambisana nobekiwe unkk Mapisa-nqakula. Unkk Mapisa-nqakula uzamile ukunxusa ukuba umama usobukwe anikezwe isithunzi esimfanele kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Kususwe nefulegi lezwe ebelimboze ibhokisi, kwabekwa elepac ngokunjalo nasesiteji. IPAC igcine isiziphathele umngcwabo kanti ezinye zezikhulumi ebezisohlwini bezingasatholakali. Bekukhona nabaphuma emazweni angomakhelwane njengelesotho bezovalelisa kuleli qhawekazi. Izikhulumi ezilandelile bezikuncoma okwenzekile nakuba uhulumeni ekugxekile.
Uphumla Williams wegovernment Communications Information Systems (GCIS) uthi bona bebexhumana nomndeni ukuhlela umngcwabo, hhayi iqembu lepolitiki.
“Kuyichilo okwenzekile njengoba lo ngcwabo ubufakwe ngaphansi kwesigaba sesibili kuhulumeni futhi bengiqala ukukubona. Isekela likamengameli liphoqeleke ukuba lihambe ngenxa yalesi sehlo ekubeni thina besenze esikuhlele ngokubambisana nomndeni, sihlonipha izifiso zawo hhayi ezeqembu,” usho kanje ekhuluma nabezindaba.
IPAC ibimi kwelokuthi kayaziswanga futhi kayifakwanga ezinhlelweni. Phakathi kwezikhulumi ebezikhona bekunodr Stanley Mogoba oke wahola yona IPAC phambilini.