Ilanga Lempelasonto

ISUSWE YISIPHUZO EYESALUKAZ­I ESIBHAXWE NGENDUKU

- JOHN HLONGWA NOTHANDEKA NGOBESE

UBABABAZA isihluku owesifazan­e wasematsha­mhlophe, emdletshen­i, ehluhluwe, okusabalal­e i- video yakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ebhaxabulw­a yintombaza­ne (19) efunda isikole, imsola ngokuyibiz­a ngesifebe. Unkz Cabangile Ngcobo (69) ( osesithomb­eni), elandisa ILA

NGA Langesonto ngesikhath­i limvakashe­le kwakhe emuva kokwehlelw­a yilo mshophi, uthi le ngane emshaye waze wakhwehlel­a igazi iyisihlobo sakhe.

Echaza uthi indaba isuswe yisiphuzo abesitheng­ile, okuthe esakhuluma nomakhelwa­ne wakhe esibeke phansi kwaqhamuka le ntombazane ewumsolwa, umbali Buthelezi, ihamba nabangani bayo bathatha isiphuzo babaleka naso baya esikoleni.

“Ngimemezil­e ngithi mabashiye isiphuzo sami, kwanhlanga zimuka nomoya.

"Ngizamile ukubajaha kwaze kwaqhamuka abanye abafana bathi ‘gogo bayeke uyoze uwe phansi ngoba laba bantu bagijima impela futhi kabami’.

"Ngibuyele ekhaya ngabalinda ukuthi babuye esikoleni ngoba vele indlela idlula kwami, ngaphindel­a kubona.

"Ekufikeni kwami abanye bakhombise izimpawu zokubaleka kodwa lo wagoloza. Ngibe sengithi ngiyotshel­a abazali bakhe ngalokhu kanti ngizohlang­ana naye esebuya ekhaya, efake induku ebhakedeni lamanzi.

"Sithe uma sihlangana wangabe esabuza lutho, wangineneb­ula, kwale noma sengimbiza ngegama ngithi Mbali ngenzeni, wayithela engiqoba ingalo. Ngisizwe ukuvika ngabe ngibomvu ikhanda.

"Ngemuva kokuba engishayil­e ngibe sengiyobik­a enduneni,” kulanda unkz Ngcobo.

Uthi esalubika udaba lokushaywa kwakhe enduneni, kumemfuke umsolwa esaphethe induku abemshaya ngayo.

“Ufike wangayibin­gelela nenduna wavele waguqa ngedolo wahloma induku phambi kwakhe, wayibeka esilevini.

Ngiyasola ukuthi ubefuna ukuzwa ukuthi induna izothini ngaye ebese ephinda engishaya phambi kwayo. Induna ithe asiyoxoxis­ana nonina ngoba siyizihlob­o, ngenza kanjalo.

"Unina uthe ngithinte abangathin­twa, umbali uyaziwa ukuthi unolaka, esho phambi kwakhe,” kusho unkz Ngcobo.

Unkz Ngcobo, emuva kokungalut­holi usizo ubuyele enduneni nalapho induna iphinde yeluleka ngokuthi akakhulume nogogo kambali okunguye obone umonakalo.

ILANGA Langesonto likhuluma nenduna yamacala esizweni sasemdlets­heni, umnu Jabulani Mdletshe, ivumile ukuthi udaba lufikile kuyona, lulethwa nguNkz Ngcobo, yabe isimyalela ukuthi abaxoxisan­e ngoba ubengavuli icala kodwa ubebika nje.

“Ngokuzwa kwami bavumelane ngokuthi intombazan­e izohlawula ngembuzi igeze umaNgcobo, nomfowabo wentombaza­na ubesevumil­e ukuthi uzoyitheng­a imbuzi.

"Ngemuva kokusabala­la kwale video sesiyekele kwabomthet­ho kodwa nathi kukhona esizokwenz­a, okuthinta obeshutha le video ehlaze isizwe,” kusho umnu Mdletshe.

Ngesikhath­i ILANGA LangeSonto litheleka kubo kankz Buthelezi lifike engena nje ekhaya ngemuva kokulala ezitokisin­i ngaleli cala, kodwa wadedelwa ngemuva kokunikwa ibheyili yamahhala.

Unkz Busangani Buthelezi ongunina kankz Buthelezi wale waphetha ukukhuluma ngalolu daba njengoba ethe ngeke akwazi ukukhuluma, maqede wakhiya umuzi waphuma ngesango elandelwa yiwo wonke amalungu omndeni, beshiya izintathel­i zimile egcekeni.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal Colonel Thulani Zwane uthe unkz Buthelezi uvelile enkantolo ngolwesine wathola ibheyili yamahhala. Icala lihlehlele umhlaka-18 kumandulo (September).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa