Ilanga Lempelasonto

I-IDOLS ISINGENA KWELINYE IGIYA

- LUCKY CAIN

UNGENA kwelinye igiya namhlanje umncintisw­ano odonsa amehlo ezinkumbi zababukeli, i-idols SA, ekhonjiswa kwimzansi Magic 161 njalo ngesonto kusihlwa.

Namhlanje kuzobonaka­la abesilisa abangene kwitop 16 besina bededelana kanti ikwazulu-natal izobe imelwe ngumthokoz­isi Ngcobo wasemlazi.

Abesifazan­e bazobonaka­la ngeSonto elizayo lapho lesi sifundazwe sizobe simelwe ngunosipho Silinda nozamagamb­u Memela owaziwa ngelikaxae.

Omunye walaba abamele ikwaZulu-natal, unosipho, uzalwa ngudadewab­o wesilomo somculi ucici (Busisiwe Thwala) osematheni kulezi zinsuku ngenxa yecala eliqhubeka­yo enkantolo elithinta yena nobeyisoka lakhe u-arthur Mafokate.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ucici naye uke wawungenel­a lo mncintiswa­no eminyakeni eyedlule kanti waphuma kwi-top 30.

Useqalile ucici ukucija nokwelulek­a unosipho ngalo mncintiswa­no.

Usana Thwala, ongunina kanosipho, exoxa NELANGA Langesonto ngonosipho udalule ukuthi ucici useqalile ukunika iziyalo le ntokazi ebonakala inethalent­e eliyisiman­ga kulo mncintiswa­no.

“Ucici nonosipho basondelen­e kakhulu kanti uma sebendawon­ye ngeke ubahlukani­se, bayezwana kakhulu,” kusho usana.

Uqhube wathi bayaziqhen­ya kakhulu ngokudlule­la kukanosiph­o kulesi sigaba.

“Sizomeseka kakhulu kanti siyethemba ukuthi nabantu bazolibona ikhono lakhe bamvotele,” kusho usana.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNOSIPHO Silinda okwitop 16 ye-idols SA.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNOSIPHO Silinda okwitop 16 ye-idols SA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa