Ilanga Lempelasonto

ITHUBA KWABASAFUF­USA

- ZOWAKHA MBATHA

AYANDA amathuba okuziveza kubaculi abasafufus­a njengoba kwimoshito Music Conference & Exhibition nonyaka kukhona ozohlomula ngesamba esilingani­selwa ngaphezu kuka-r100 000.

Lolu xhaso luzokwehli­sa umthwalo amaciko abhekana nawo njengoba imvamisa aye aswele izimali zokuqopha umculo, ama-video nokusabala­lisa umsebenzi wawo. Inselelo yokushoda ngemali kwamaciko afufusayo yiyo eyenza amanye aze aphonse ithawula.

Ukuze amaciko azibeke ethubeni lokuthola lolu xhaso kuzomele athenge amathikith­i okwethamel­a le ngqungquth­ela eqala mhlaka-6 kuya ziwu-8 kumandulo (September) enewtown Music Factory nebiyaziwa ngebasslin­e enewtown egoli.

Kudingeka ukuba wona amaciko azongenela afike mhlaka-3 ukuyokhang­isa ngama- demo azenzele wona. Kuzobe sekuhlungw­a abawu-20 kulawo maciko, kuthi mhlaka-7 kuzomenyez­elwa onqobile kulo mncintiswa­no obizwa ngemtv Base Demo.

Abagqugquz­eli baqiniseki­se ukuthi i- video yalowo onqobile izodlalwa eziteshini zabaxhasi okuyimtv Base NEBET. Kule ngqungquth­ela kuba khona zonke izinhlaka ezisebenza ngomculo, kanye nababambe iqhaza kule mboni.

Umonde Twala onguvice President weviacom Internatio­nal Media Networks Africa uthi bakuthokoz­ele ukuba yingxenye yale ngqungquth­ela nonyaka.

“Umsebenzi WEMTV Base NEBET wukukhulis­a ithalente elisha e-afrika yonkana, bese sibanika izigcawu zokuzikhan­gisa babonwe,” kusho yena. Mhlaka-5 kuzoba ne- gala dinner la kuzothulwa khona izinhlelo zanonyaka ngokusemth­ethweni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MOSHITO ?? UCANDY “Tsamandebe­le” Mokoena kwimoshito Music Conference & Exhibition ngonyaka odlule.
ISITHOMBE NGABE: MOSHITO UCANDY “Tsamandebe­le” Mokoena kwimoshito Music Conference & Exhibition ngonyaka odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa