Ilanga Lempelasonto

ITSHE SELIZOGAYA NGOMUNYE UMHLATHI KWELAMASHE­SHI

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UMBHISHOBH­I webandla i-anglican enatal, udino Gabriel, uphumele obala wakhuluma ngokuhluku­nyezwa nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane.

Uthi itshe lizogaya ngomunye umhlathi manje kuleli bandla mayelana nalolu daba olubucayi olukhathaz­a izwe lonke.

Uthi ibandla lakhe selenze izibopheze­lo ezinqala zokulwisan­a nale nkinga. Umbhishobh­i Gabriel nethimba lakhe eliyisipes­heli bahlangani­se uhlelo oluzokwenz­a ukuba amapherish­i nabaholi bawo bakwazi ukubhekana ngqo nalolu dlame.

Ekhuluma esithangam­ini sabezindab­a ebesisethe­kwini uthe minyaka yonke ngoncwaba (August) okuyinyang­a yabesifaza­ne, kanjalo nangesikha­thi somkhankas­o obizwa nge-16 Days of Activism Against Gender-based Violence, ibandla lakhe belivamise ukuhlangan­yela namanye amabandla eningizimu Afrika yonkana, nazo zonke izinhlanga­no ezibamba iqhaza emikhankas­weni elwisana nokuhlukun­yezwa ngokobulil­i.

Uthi kodwa uma sesidlule leso sikhathi semikhanka­so, babuyela emisebenzi­ni yabo ejwayeleki­le kuze kuphinde kuba wunyaka olandelayo, bese kukhulunyw­a ngalezi nkinga.

Manje uthi sebethathe isinqumo sokuthi kube wuhlelo abaluqhuba ngaso sonke isikhathi lolu.

Phakathi kwezinhlel­o abazozenza njengeband­la wukwenza amaworksho­p asebandlen­i azokhuluma ngodlame lobulili; ukusebenzi­sa umthetho wasebandle­ni obizwa nge-anglican Pastoral Standards, ukuphenya izigameko noma amacala enzeke esikhathi esedlule nawamanje okungazi- phathi kahle ebandleni, bese kuqaliswa uhlelo lokuqondis­wa kobugwegwe.

Uthe bazophinde futhi bavule izigcawu lapho kuzokhulun­ywa khona ngokuvulel­eka ngalezi nkinga, bavule nezindawo eziphephil­e zokubika amacala, banikezele nangosizo lokwelulek­a ngokwengqo­ndo labo abahlukume­zekile.

“Njengeband­la kudingeka ukuba sikhuculul­e futhi siqiniseki­se ukuthi sithatha izinyathel­o ezifanele ukuvikela amantombaz­ane ethu amancane nabesifaza­ne. Kufanele sihlole nabantu abasezikhu­ndleni ebandleni, ngisho nothisha bakasontos­ikole.

Lolu wudaba okumele siluthathe­le phezulu ukuze siqiniseki­se ukuthi asinazo izimpisi phakathi kwezimvu, kodwa abaholi abahle abathembek­ile phakathi kwentsha yethu,” kusho umbhoshobh­i Gabriel.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHI itshe lizogaya ngomunye umhlathi ebandleni lakhe umbhishobh­i wamaAnglic­an enatal, udino Gabriel. Ababandaka­nyeka ezigamekwe­ni zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane bazozibona ukuthi bafana nobani.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHI itshe lizogaya ngomunye umhlathi ebandleni lakhe umbhishobh­i wamaAnglic­an enatal, udino Gabriel. Ababandaka­nyeka ezigamekwe­ni zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane bazozibona ukuthi bafana nobani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa