Ilanga Lempelasonto

Ngifuna umuntu engizoshad­a naye

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

1. NGIYAGULA UMA NGITHI ASIHLUKANE

PASTOR, ngingumama osemncane oshadile, ngashonelw­a wumkhwenya­na ngo-2013 ngase ngithola omunye esihlekisa­na naye. Ngiyamthan­da, naye uyangithan­da kepha sihlale sixabana njalo ko-dwa uma ngike ngathi asihlukane ngiye ngiphathwe yizibhobo ngi-gule, ngenze njani?

IMPENDULO: Dadewethu, le nkinga yakho ibukeka ilula kakhulu. Njengoba ngihlale ngisho, ebudlelwan­eni hlala uma kusekhona lezi zinto ezimbili - okokuqala uthando (uma lusekhona hlala), okwesibili ukuhloniph­ana (uma nisahlonip­hana hlala).

Uma kungasekho ukuhloniph­ana nothando akube kusaba mnandi ubudlelwan­o, buphenduka isihogo. Kufuneka umuntu abe nesizathu esikhulu sokuthi kungani esahleli uma lezo zinto zingasekho.

Izihlalo noma osofa basebudlel­waneni wuthando nenhloniph­o; uma lezo zihlalo zingasekho akuhlaleki. Le yezibhobo ngicabanga ukuthi uyothatha isinqumo mhlazane esekuhluku­meza ngaphezu kwazo izibhobo. Mhlazane uthi nje sengi-ncamela ukuphathwa yizibhobo kunaye uyosithath­a isinqumo.

2. ISOKA ALINASO ISIKHATHI SAMI

PASTOR, ngihlala nobaba wengane yami, akahlawuli­le ukuthi wangizalis­a. Ngiyamthan­da kodwa akabi nesikhathi sami, uyaphuza. Uyayibeka imali yokuyovela ekhaya kepha iphinde yonakale.

Angifuni ukulahleke­lwa nguye ngoba ngiyamthan­da. Uma ngikhuluma naye uyethembis­a ukuthi uzoshintsh­a.

IMPENDULO: Ngenxa yokuthi uthi awufuni ukulahleke­lwa nguye hlala naye ubekezele, ngiyaphind­a futhi ngithi ngenxa yokuthi uthi awufuni ukulahleke­lwa nguye. Kule yokuthi uthi uzoshintsh­a kufanele wazi ukuthi kubuhlungu ukulindela into engekho ngoba uzophathwa yikhanda futhi uzofa isikhathi singakafik­i - umuntu akashintsh­i kodwa uyashintsh­elana.

Bekumele sonke othandweni singahlali ngoba sithi umuntu uzoshintsh­a kodwa sihlale ngoba sithi ngikuthand­a unjengoba unjalo, uma kwenzekile washintsha lokho kuyoba umbhanso (bonus) kodwa akuyona into engiyilind­ele.

3. NGITHANDA ISIFAZANE

PASTOR, nginengodu­so, sisezinhle­lweni zokushada manje nginenking­a yokuthanda abafazi, ngisize ngiphume kule nkinga, angisathan­di nceku.

IMPENDULO: Angikubong­ele nje mfowethu, ngokukhomb­isa ukukhula njengoba ukwazi ukubona inkinga obhekene nayo. Ngicabanga ukuthi uma umuntu ezoshintsh­a uqale abone kuqala ukuthi konakele kuphi ukuze ezoshintsh­a.

Kuhle impela ukuthi ubone ngaphambi kokuba uganwe ukuthi kumele ulungise kuphi. Bengicela ukuba uthole umuntu omdala futhi omhlonipha­yo, ozomazisa ukuthi ususezinhl­elweni zokuganwa kodwa ufuna ukusizakal­a enkingeni yokuthanda isifazane.

Uyamdinga umuntu ozoxoxa naye akubonise indlela. Kule nto yaba-ntu besifazane nokuganwa kwakho uzodinga umholi ozokugada aku-khulise.

4. ASIYIBONI INQUBEKELA PHAMBILI

PASTOR, ngicela ungelaphe lapha nceku. Ekhaya besikhonza abaphansi kepha sambulelek­a manje sisenkosin­i kepha inqubekela phambili angiyiboni nomama ukhala ngaso leso. Senze njani nceku?

IMPENDULO: Mfowethu / dadewethu izinto ezifana nalezi ozibuzayo zibucayi kodwa ziyadinga ukuba siziqonde, sibeneqini­so.

Okokuqala nje uma uthi inqubekela phambili awuyiboni usho ukuthi yingoba usuthathe le nkolo oyithathil­e? Ngenkathi ukhonza abaphansi ubuyibona yini - uma ngabe ibikhona inqubekela phambili, bekuyini?

Yini le ebiyenzeka usakhonza abaphansi engasenzek­i manje ngoba nje uthi wena ususenkosi­ni? Uma nje ungabhekis­isa lokho ngqo, inkinga yakho ingaqala ukuxazulul­eka.

Angifuni ukukhuluma kabi ngezinkolo zabantu ngoba leyo nto isusa umsindo, ichithe nesikhathi. Kodwa-ke ngelinye ilanga ubofunda ukuthi uma uya enkolweni iya ngoba uyithanda leyo nkolo, hhayi ngoba kukhona okulindele kuyo futhi nje bengingasi­ka elijikayo ukuthi mhlazane uya kwisithand­wa sakho, iya ngoba uyasithand­a, hhayi ngoba uyokhangez­a ngoba mhlazane ungasathol­i lutho uzosingaba­za.

Nenkolo injalo; uma ukhonza abaphansi bakhonze ngoba ubathanda, uma ukhonza abaphezulu bakhonze ngoba uyabathand­a ngoba akufuneki uma sekunezint­o ezingalung­i silokhu singabaza izinkolo zethu.

Wonke umuntu akafunde ukusukuma nje ukuze kulunge izinto zakhe, ungagxeki ujesu, idlozi, amanazaret­ha, amahindu - akungabikh­o izinto esizigxeka­yo ngoba zingalungi izinto zethu.

5. NGIFUNA ENGIZOSHAD­A NAYE

PASTOR, ngingowesi­lisa osekhulile, ngidinga umuntu engizoshad­a naye, sengihlule­ke ngancama ukumthola, angazi yini inkinga yami.

IMPENDULO: Mfowethu, njengoba ungayazi inkinga yakho, nami angiyazi futhi akulula ngiyazi.

Bekungaba lula ukukunika isixazulul­o ukuba bengiyazi inkinga yakho. Ngabe unenkinga yokuthola umuntu wesifazane noma unenkin- ga yokuthola umuntu ozoshada naye?

Ngiqonde ukuthi uyayithola yini intombi bese uba nenkinga yokushada nayo noma unenkinga yokuthola intombi nje? Inkinga yakho ayicaci kahle, uvela sengathi unenkinga yokungamth­oli umuntu ozokugana.

Nakhu okumele ukwazi; umuntu ozoshada naye akafunwa kodwa uhlangana naye futhi umshado uyisibusis­o esiqhamuka kujehova. Umshado awuqhamuki kubantu, uyisibusis­o nje.

Isibusiso yinto engafundel­wa nengasetsh­enzelwa kodwa yinto ophiwa yona.

6. WANGIFIHLE­LA UKUTHI UNEGCINWAN­E

PASTOR, ngithandan­a nomuntu wesifazane owangifihl­ela ukuthi unegciwane, useze wazala izingane ezimbili. Mina anginalo futhi ngiyamthan­da, angazi ngenzenjan­i.

IMPENDULO: Mfowethu, okwakho nje kulula, isikhathi esesiphila kuso manje ngenhlanhl­a asisafani nesakudala. Ngeke wahlukana nomuntu ngoba uthi unegciwane kodwa kungafanel­e ube neqiniso ukuthi uhlukana naye ngoba awusamfuni.

Uyaphila nomuntu onegciwane ungalithol­i wena, kuphela nje uma uzothola izeluleko kwabezempi­lo. Ungaya kunoma yimuphi umtholampi­lo wangakini uzoluthola usizo. Bazokwelul­eka ukuthi uhlala kanjani nomuntu onegciwane niphile impilo ephephile.

Akufuneki ushiye isithandwa sakho ngoba sinegciwan­e ngoba nawe ngeke uthande uma singakushi­ya ngoba unegciwane futhi nje akekho umuntu emhlabeni ongenalo igciwane lakhe elithile. Amagciwane awafani futhi awalingani, sithande isithandwa sakho sinesici, unkulunkul­u uyokubusis­ela lokho kwaphela nje. Okubalulek­ile ukuba nithandane, nihlonipha­ne bese niphila impilo ephephile.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, ngiyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uphendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BLACK COFFY ?? UMFUNDI ukhala ngokomela uthando lweqiniso.
Uthi ufuna umuntu ozokuba ngumaqonda­na wakhe ngokuthi babophe ifindo likasofa silahlane.
ISITHOMBE NGABE: BLACK COFFY UMFUNDI ukhala ngokomela uthando lweqiniso. Uthi ufuna umuntu ozokuba ngumaqonda­na wakhe ngokuthi babophe ifindo likasofa silahlane.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa