Ilanga Lempelasonto

USENENKAMP­ANI YAMACIKO U-EDMUND

- LUCKY CAIN

ISIPHOQELE­KE ukuba ivule inkampani yokumaketh­a nokuphatha amaciko inkakha kwezokuqeq­esha abalingisi beshashala­zi nakumabona­kude umnu Edmund Mhlongo.

Umnu Mhlongo ongumsungu­li wendawo yokuqeqesh­a amaciko ikhaya MultiArts Centre Kwamashu uthi ngenxa yengcindez­i abeyifakwa ngamaciko awaqeqeshi­le asebonakal­a kumabonaku­de ugcine ephoqeleka ukuba avule le nkampani ayibiza nge-artist Pro ukuze akwazi ukuphatha futhi amakethe umsebenzi wawo.

Uthi Phambilini ubeqeqesha amaciko bese eyawayekel­a azimele ngokuzitho­lela imisebenzi.

“Amanye amaciko engiwaqeqe­shile asebonakal­a kumabonaku­de afakwe yimina ngiwasiza, ngingabhek­e lutho.

Uma kwenzeka ephelelwa yimisebenz­i abesezibon­ela amanye agcine esengikhal­ela efuna ngiqhubeke nokuwathol­ela imisebenzi,” kusho umnu Mhlongo oshade nesilomo somlingisi wegenerati­ons: The Legacy ubrenda Mhlongo odlala indawo kamam Nandi Mabaso.

Uthi uma esezimele amaciko kwesinye isikhathi abhekana nezingqina­mba ezahlukene ngakho inkampani yakhe izokwazi ukuba wusizo kuwona. “Kubuhlungu ukubona ithalente olivundulu­lile lishabalal­a ngenxa yokwehlule­ka nokumelana nezinselel­o zalo mkha- kha," kusho yena

Umnu Mhlongo usekhiqize inqwaba yamaciko ikakhuluka­zi kwezokulin­gisa kumabonaku­de kwazise amanye awo ayabonakal­a emidlalwen­i okubalwa kuyo Isibaya, Uzalo, Imbewu, Skeem Saam, Generation­s The Legacy neminye.

Uthi okwamanje ngeke akwazi ukudalula amagama amaciko azoba ngaphansi kwenkampan­i yakhe kodwa izoqala ukusebenza ngokusemth­ethweni ekuqaleni konyaka ozayo.

Uthi okuzokwehl­uka ngayo wukuthi uzosebenzi­sa ubudlelwan­o anabo namazwe aphesheya kwezilwand­le ukuxhumani­sa abalingisi bakhe kwazise abanye balabo abakhiqizi­le bazinze phesheya ngenxa yokuthi balingisa emidlalwen­i yethe Lion King.

 ??  ?? UMNU Edmund Mhlongo oyinkakha kwezokukhi­qiza amaciko ozinze ekhaya Multi-art Centre, Kwamashu.
UMNU Edmund Mhlongo oyinkakha kwezokukhi­qiza amaciko ozinze ekhaya Multi-art Centre, Kwamashu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa