SIVULA AMEHLO: Ezobumnandi mazivikele intsha ezidakamizweni nasetshwaleni
ABENZINDAWO zobumnandi kumele bazibophezele ekulweni nophuzo oludakayo entsheni njengoba umthetho olawula ukudayiswa kotshwala eningizimu Afrika ungabavumeli abangaphansi kweminyaka eyi-18 ukuba bangene ezindaweni ezibudayisayo, ayisaphathwa eyokuba babunkintshe isidana.
Izindawo eziningi zobumnandi azikuqikeleli lokho, sekwaba nguthela wayeka nje ekubeni lokho yikho osekugqugquzela intsha ukuba izinikele otshwaleni nasezidakamizweni. Kulezi nsuku silobe ngomama wesifundazwe ikwazulu-natal, unkk Zodwa Mchunu, ophume umkhankaso wokuqwashisa intsha ngazo zonke izinto ezilimaza ikusasa layo.
Ezintweni aqwashisa ngazo yilolu phuzo oludakayo nokukhulelwa kwentsha egcina ingasasiqedanga isikole.
Kulabo abangazihambeli lezi zindawo zobumnandi abazi ukuthi kwenzekani khona, kodwa thina esizihambayo sibamba ongezansi ukubona intsha ecishe ibe neminyaka engaphansi kweyi-16 izibulala ngamanzi amponjwana.
Izindawo zobumnandi yizindawo zabantu asebekhulile ngeminyaka asebekwazi ukuzilawula, kepha kulezi ndawo nase- mathaveni sibona izimanga ngoba akugcini ngokuba intsha iphuze utshwala nje kuphela kepha idlulela nasezidakamizweni, igcine isizineka, yenze nocansi olungaphephile ekubeni izifo zisemi ngenhla, zidla lubi.
Kuwumsebenzi wabanikazi balezi zindawo namathaveni ukuba baqikelele ukuthi intsha iyaphepha, bangajahi imali kuphela bebe bebulala isizwe.
Namaphoyisa kumele enze umsebenzi wawo agasele kulezi ndawo ukulwa nalesi sihlava. Ngesikhathi samaphoyisa obandlululo kwakuhlale kugaselwa kulezi ndawo, ngisho emabhodlelasitolo kubhe- kwa ukuthi abekho yini abantu abaneminyaka engaphansi kuka-18 abazothenga utshwala. Njengamanje sekukwamachangca, kwampunz’edlemini.
Okudumazayo ukuthi nomphakathi owakhele lezi zindawo awuzihluphi ngokulandela izingane zawo uzibheke ukuthi zikuphi ebusuku.
Ezindaweni zasemakhaya amakhosi nezinduna kumele babambe iqhaza kulesi sifo esibonakala sibhebhethekisa okomlilo wequbula.
Othisha ezikoleni babona izimangaliso lapho abafundi basemabangeni aphansi bafika ezikoleni benuka utshwala phu, abanye benuka insangu.
Izinto ezinjalo akumele ziyekwe zimile nokhula, impi enje iliwa kuze kuyovalwa, ngeke abantu bathi akudokwe ligayelwe bona lelo ngoba nje umuntu kungesiyo ingane yakhe ebhuquziswa utshwala.
Izinkantolo kumele ziqinise izigwebo kwabatholakala benamacala okudayisela intsha utshwala ezindaweni zobumnandi namathaveni. Kulezi ndawo intsha yesimame igcina isidayisa ngemizimba ukuze ithole utshwala ithi iyazibusisa.
Abasukume abezobumnandi bayivimbe le nto njengoba isibhebhetheke kangaka.
knowledge.simelane@ilanganews.co.za