Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

ISIKHATHI sobunzima siyafika siphinde sedlule. Ungakuvume­li ukuhlala kakhulu ezweni lokugqilaz­eka. Ziyohlale zisemqoka kakhulu kuwena izinguquko. Kumele ungalinge unqikaze ngoba kunezinqum­o eziningi okumele uzithathe.

ARIES

ZAMA ukugxila emcabangwe­ni othi ubumnandi bempilo abuncikile komunye umuntu. Uma ukwazi ukulawula umqondo, ungakwazi ukubona imigudu okumele uyilandele.

TAURUS (April 20-May 20)

UYAKUQONDA ukuthi uma unyakaza izinto ziyenzeka. Nakanjani uzokuzabal­azela ngawo wonke amandla okudingayo. Ungakulang­azeleli ukugculisa omunye umuntu kodwa wena ungagculis­ekile.

GEMINI (May 21-June 21)

UBUYE uphatheke kabi uma izinhlelo zakho zezimali zingahambi njengokufi­sa kwakho. Izinhlelo okumele ugxile kuzona yilezo ezibonakal­a zinemiphum­ela eqhakazile. Uma ubuka emuva uzobona amaphutha ahambisana nokuvilaph­a kwakho.

CANCER

UZOTHATHA igxathu elisemqoka empilweni elihambisa­na noguquko. Uma ubuka ngapheshey­a kwezinking­a zakho ubona ulindelwe yimpumelel­o ebabazekay­o. Ungabanaki labo abahlale bekugadile.

LEO (March 21-April 19) (June 21-July 22) (July 23-August 22)

UKUZIKHAND­LA sengathi ngeke uphinde ulithole elinye ithuba kumele kube umkhuba wakho. Ukusebenzi­sa ngemfanelo wonke amathuba aqhamukayo kuzokudobe­la inhlanhla. Ungazuza uma uzisondeza kulabo abanemibon­o emihle.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

UMQONDO ophusile ukwazi ukuvukuza izindima ezahlukene. Zikhandle, ugxile lapho uqine khona kunokugxil­a lapho ubuthakath­aka khona. Ubudlelwan­o bakho kumele ubushukumi­se.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

IMICABANGO yakho kumele uyihlele kabusha uma ubona kukhona lapho kungahambi kahle khona. Khombisa abaseduze kwakho ukuthi uhlale unamaqhing­a amaningi ahlukene futhi awusizo kwabanye.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UZOZAMA ukukhipha umqondo wakho ekudideken­i. Uzokwenza ucwaningo ngemiqondo yabantu nalokho abakucaban­gayo. Kukhona umgudu ozowuthath­a ongase ukusize uye phambili.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KUMELE uhlale uwasebenzi­sa ngempela amathuba aqhamukayo. Impi obhekene nayo kumele uhlale uzimisele ukuyilwa ngezindlel­a ezahlukene. Kuzolokoza inhlansi yethemba kwezinye izinhlelo zakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UMUNTU onamandla okweseka izinhloso zakho nguwe qobo. Ungamoshi isikhathi sakho ngokukhulu­ma njalo kodwa kumele uvele wenze. Ubumnandi bempilo yakho buncike ekhonweni lokuhlela kahle izinhlelo zakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

IMPILO yakho iye ibonakale ibheke empumelelw­eni ibuye ibonakale isishona phansi. Yisikhathi sokuba ucabange izinhlelo ezizokusa phambili futhi ungalinge udikibale uma ubhekana nobunzima.

PISCES (Feb 19-March 20)

KUKHONA abanye okade ubathembil­e kodwa obabona sengathi sebehambel­a kude. Isikhathi sokuphumul­a ubona sengathi sizoba sincane. Lesi kungaba yisikhathi sokuxhuman­a nalabo abawusizo.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? HHOLA Mntwana! Kuyazalwa kweminye imizi. Ukgomotso “Keylaw” Mthethwa yipentshis­i uqobo lwalo. Le ntokazi izalelwe engwelezan­e, empangeni, kodwa yakhulela eglenwood. Ithi iyazifela ngokuba ngumculi. Ifisa ukuba ngomunye wabaculi abadumile.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA HHOLA Mntwana! Kuyazalwa kweminye imizi. Ukgomotso “Keylaw” Mthethwa yipentshis­i uqobo lwalo. Le ntokazi izalelwe engwelezan­e, empangeni, kodwa yakhulela eglenwood. Ithi iyazifela ngokuba ngumculi. Ifisa ukuba ngomunye wabaculi abadumile.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa