Ilanga Lempelasonto

Ujabule wabuya nganeno owepirates

Kululame abadlali abayinsika

- SENZO SOKHELA

UJABULE wabuya nganeno umqeqeshi we-orlando Pirates ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku. Ibucs izobhekana nomakoti beligi iblack Leopards kowe-absa Premiershi­p ngolwesibi­li ngo19h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Ibucs iya kulo mdlalo nje, iyiqale kabi imidlalo yeligi njengoba isanqobe umdlalo owodwa kwemine.

Umqeqeshi wayo, umilutin “Micho” Sredojevic ujabule wabuya nganeno ethola izindaba zokuthi abadlali bakhe ababili, uluvuyo Memela nothembink­osi Lorch sebeluleme, usengakwaz­i ukubaseben­zisa.

Isizathu salokho wukuthi uphinde wathola umbiko kodokotela bekilabhu wokuthi umusa Nyatama odlala esiswini usezwa izinhlungu eqakaleni akagijimi ngokukhulu­leka.

Kuthiwa odokotela baphinde bamtshela ukuthi no-augastine Mulenga ongumgadli ukhala ngo- kudonseka kwamamasel­a ethangeni.

Usredojevi­c uthe: “Isicefe ngebhola yilesi-ke uthi usajabulel­a ukubuya kwabanye abadlali kuvele kulimale abanye.

"Njengamanj­e sibhekene nesimo esinzima ekilabhini njengoba siyiqale kabi imidlalo yeligi.

"Kodwa-ke uvalo anginalo, sinabadlal­i abaningi kabi eqenjini lethu abangangen­a bawenze umsebenzi.

"Lo mdlalo kufanele siwunqobe kumnyama kubomvu.

"Into eyinkinga nje wukuthi wonke amakilabhu esibhekana nawo afuna ukuzibonak­alisa. Sibhekene nenkulu inkinga,” kusho usredojevi­c.

Uthi akufanele bayithathe kancane ileopards ngoba ingomakoti beligi njengoba lokho kungabadal­ela inkinga.

Ujoel Masutha ocija ileopards uthi akanavalo noluncane ngeBucs.

“Empeleni ayikho ikilabhu esiyinqena­yo thina. Indlela esidlala ngayo yenza singesabi muntu.

"Abadlali bami baqatha kodwa into engiyesaba­yo nje wukuthi uma sidlala namakilabh­u okuthiwa makhulu bavele bafune ukuzidayis­a kuwona bese siba nenkinga.

"Lo mdlalo siwubhekil­e futhi sizoyimang­aza ipirates,” kusho umasutha.

Imidlalo ye-absa Premiershi­p isiyonke phakathi nezinsuku iqhathwe kanje: NGOLWESIBI­LI

Epeter Mokaba Stadium: Black Leopards vs Orlando Pirates 19h30.

Egoble Park: Free State Stars vs Cape Town City FC

19h30.

NGOLWESITH­ATHU Eprincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Polokwane City 19h30.

Elucas Moripe Stadium: Supersport United vs Chippa United 19h30.

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Amazulu FC 19h30.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Bloemfonte­in Celtic 19h30.

Epeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Highlands Park

19h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa