Ilanga Lempelasonto

PHILANI NCALANE

-

benzini wokusingat­ha inkampani yonogada ngoba ibhola kuyacaca ukuthi aliyona nhlobo into yakhe.

Sekukaning­i kucaca ukuthi le kilabhu iphethwe ngendlela yasehlathi­ni njengoba ivele imemezele izinto ezisaxoxwa esithe. Muva nje isanda kudalula ukuthi isihlabane ngothabo Matlaba nobernard Morrison be-orlando Pirates, okuze kube yimanje abekho kuyona. Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi ichippa iphethwe njenge-spazza Shop.

Iphinde yahlukana nowanda Mbenguzana osewe evuka nale kilabhu, futhi obeyingxen­ye yokusungul­wa kwayo.

Kule kilabhu kuyacaca ukuthi azihlonish­wa izingxoxo nezinkonti­leka.

Kuyadumaza ukuthi umpengesi ugila le mikhuba nje, unobudlelw­ano obuhle no-irvin Khoza ongusihlal­o we-orlando Pirates nepremier Soccer League.

Ngesikhath­i abanye ozihlalo bepheka bethulula, kuyancomek­a ukuthi ukaizer Motaung ongusihlal­o wekaizer Chiefs uyasifezek­isa isethembis­o sokuqhamuk­a nezinguquk­o ezinqala kule kilabhu.

Ichiefs ibuyise isithunzi isayinisa abadlali bezinga eliphezulu okulindele­ke ukuba bayisize isuse ithunzi elibi lokunganqo­bi nkomishi kumasizini amathathu edlule.

Phakathi nesonto izimpofana zihlabane ngolebohan­g Manyama nomario Booysen, kanti bezisanda kunyakazis­a izinto kunobhutsh­uzwayo wakuleli zisayinisa ukhama Billiat obekwimame­lodi Sundowns.

Ukufika kwalaba badlali kuligezile igama likabobby Motaung oyimenenja jikelele yechiefs obekhonjwa ngenjumban­e ngokulanda abadlali abaphelelw­e yizinkonti­leka nabasezimb­abwe.

Yize izimpofana zibathole mahhala ubilliat nomanyama, kodwa akungatsha­zwa ukuthi kuningi okuhle abazokwenz­ela le kilabhu ngoba banesipili­yoni kunobhutsh­uzwayo kanti basavunwa nayiminyak­a yobudala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa