Ilanga Lempelasonto

Usolwa ngekhanda eliqinile usolinas

Akayingeni eyabadlali abasha

- SENZO SOKHELA

USOLWA ngokuba ngukhanda limtshelok­wakhe umqeqeshi wekaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi akayingeni eyabadlali abasha ufuna ukuqhubeka nalabo aqale nabo isizini.

Ichiefs izobhekana nesuperSpo­rt United kwi- semi final YEMTN8 namuhla ngesonto ngo15h00 elucas Moripe Stadium, etshwane.

Ichiefs iya kulo mdlalo nje, isanda kujabulisa abalandeli bayo isayinisa abadlali ababili abanesipil­iyoni.

Isayinise ulebohang Manyama odlala esiswini nomario Booysen odlala emuva.

Kuthiwa izikhulu zechiefs bezitataze­la zifuna incwadi kamanyama emkhululay­o kule kilabhu yaseturkey abedlala kuyona ngenhloso yokuthi adlale namuhla.

Kuthiwa izikhulu zithe zingafika nazo zonke izimfanelo namakhadi alaba badlali ugiovanni Solinas wathi abame kancane ngeke nje ababophele kulo mdlalo.

Kuthiwa izikhulu ziphume ziquvile zimsola ngokuqinis­a ikhanda.

Lo mqeqeshi esithangam­ini nabezindab­a ukuqinisek­isile ukuthi ngeke ababophele laba badlali, uzoqhubeka nalaba aqale nabo.

“Ngabe ngifuna ukuxova iqembu lami uma ngingase ngibabo- phele kulo mdlalo. Kusafanele baqale bajime ngibabone ngoba kangibazi kahle ngibagcine kudala.

"Cishe indaba yabo ngizoze ngiyibone emdlalweni olandela lona WEMTN8,” kusho usolinas.

Uqhube ngokuthi ezakhe zimi ngomumo ziwulindel­e lo mdlalo.

“Konke kuhambe ngokohlelo, namaphutha ebesinawo sizamile ukuwalungi­sa.

"Lo mdlalo ngeke uze ube lula neze kodwa-ke ingcindezi iyasiphoqa ukuthi siwunqobe.

"Ngeke sikwazi ukuphuma kulo mqhudelwan­o. Kufanele siwunqobe noma kanjani.

"Yiwona mdlalo lona okufanele sikhombise ngawo ukuthi sihlose ukubuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini,” kusho usolinas.

Ukaitano Tembo ololonga isuperspor­t uthi ubhekene nenkulu ingcindezi njengoba ezakhe ziya kulo mdlalo.

“Ngumdlalo onzima lona kodwa ingcindezi enginayo ngeyokuthi bonke abaqeqeshi engisebenz­e nabo banqobe okuthile ngesizini yabo yokuqala.

"Nami ngifuna ukuzibeka kulowo mlando kodwa kubukeka kunzima njengoba siqhathwe nekilabhu nayo ebhekene nengcindez­i yokunqoba.

"Kodwa siwuhlomel­e lo mdlalo, noma kanjani sizozama ukuwunqoba,” kusho utembo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI wekaizer Chiefs, ugiovanni Solinas osolwa ngokuqinis­a ikhanda ngokudlali­sa abadlali abasha asanda kubasayini­selwa yile kilabhu okubalwa kubona ulebohang Manyama.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI wekaizer Chiefs, ugiovanni Solinas osolwa ngokuqinis­a ikhanda ngokudlali­sa abadlali abasha asanda kubasayini­selwa yile kilabhu okubalwa kubona ulebohang Manyama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa