Ilanga Lempelasonto

UBENNI UBUYISE IZINDUKU KU-PITSO MOSIMANE

- SENZO SOKHELA

UBUYISE izinduku kupitso Mosimane ongumqeqes­hi wemamelodi Sundowns ubenni Mccarthy ocija icape Town City ezakhe zinqoba leli qembu ngo-1-0 emlenzeni wokuqala we- semi final YEMTN8 izolo ngomgqibel­o ntambama ecape Town Stadium.

Igoli okunqobe ngalo icity libekwe enethini ngutaariq Fielies ngomzuzu ka-75.

Umccarthy uye kulo mdlalo inhliziyo insonsotha kwazise selokhu eqashwe yicity ngesizini eyedlule ubengakaze ayehlule idowns.

Bese imushaye imidlalo emibili ilandelana.

Uzibuyisil­e izinduku kulo mdlalo wayizolo yize ezakhe zisasale- lwe ngumlenze wesibili ongempelas­onto ezayo etshwane okuyiwona ozocacisa ukuthi ezakhe ziyangena yini kowamanqam­u.

Umccarthy uthi nakuba ezakhe zinqobile kodwa kusazokuba nzima.

“Okungijabu­lisile nje wukuthi isundowns kayizange ilishaye igoli ekuhambeni, okuyinto ebesiyihle­lile.

"Isundowns iyingozi kodwa sizame ngawo wonke amandla ukungayivu­meli ukuthi isingenele kalula.

"Angifuni ukuqamba amanga kusazokuba nzima. Ngelizayo kufanele sizame ukudlala leli bhola esilidlali­le ukuze sifinyelel­e kowamanqam­u.

"Ngiyababon­gela abafana bami basebenze ngokuzi-khandla,” kusho umccarthy.

Umosimane uncome umcCarthy ngebhola alidlalise ezakhe.

“Kuyajabuli­sa ukubona abaqeqeshi abasebanca­ne njengobenn­i bedlalisa ibhola elinjena, lihle futhi abalandeli bayalithok­ozela.

"Kulo mdlalo sizibulale thina, senze iphutha elilodwa bashaya igoli.

"Kodwa-ke angikhali ngalutho iqembu lami lizame ngawo wonke amandla kwangenzek­a.

"Sesibheke umlenze olandelayo ngethemba lokuthi sizowunqob­a,” kusho umosimane.

Icity ihlulwe yisuperspo­rt United kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ngesizini edlule emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

* Imiphumela yemidlalo YENFD izolo ngomgqibel­o:- University of Pretoria 1, Uthongathi 1; Wuthbank Spurs 1, Maccabi FC 1; TS Sporting 1, Royal Eagles 0.

 ?? ISITHOMBE: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI becape Town City utaariq Fieries nomatthew Rusike bebanga ibhola nomosa Lebusa wemamelodi Sundowns kowemtn8.
ISITHOMBE: BACKPAGEPI­X ABADLALI becape Town City utaariq Fieries nomatthew Rusike bebanga ibhola nomosa Lebusa wemamelodi Sundowns kowemtn8.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa