Ilanga Lempelasonto

Usefuna ukuba ngusomahla­ya upetronell­a

- LUCKY CAIN

*Bhekaekhas­ini9

UNGOMUNYE wabalingis­i abayintand­okazi kulezi zinsuku ngendawo ayidlalayo emdlalweni owuchungec­hunge, ithe Queen. Abaningi baqale ukumqaphel­a esikhangis­weni senkampani yomakhalek­hukhwini, icell C.

Lowo nguthembsi­e Matu osematheni kulezi nsuku, kwazise usanda kuqokwa emunxeni ibest Actress emncintisw­aneni idstv Mzansi Viewers’ Choice Awards, owethulwe ngokusemth­ethweni ngeledlule egoli.

Ngemuva kwalo mcimbi ngibe nenhlanhla yokuba nengxoxo ekhethekil­e nalo mlingisi obefunwa ngapha nangapha ngezinye izintathel­i. Ngenhlanhl­a unginikile isikhathi, saxoxa. Ungilandis­e ngothando aluthola kubalandel­i bakhe kulezi nsuku njengoba echaza abaningi ngendawo kapatronel­la ayilingisa kwi

The Queen.

“Angazi ngingaqala ngithini, ngiyabonga LAPHA uthembsie Matu unorami Chuene. ngothando abantu abalukhomb­isa kimina nasemseben­zini engiwenzay­o,” kusho uthembsie.

Uthi ngesikhath­i eqala ukungena kulo mdlalo ubengalind­ele ukuthi indawo yakhe izothakase­lwa kangaka.

“Kuyajabuli­sa ukubona abantu beyijabule­la le ndawo kanti ngingasho nje ukuthi lukhulu abasazolub­ona,” kusho yena, engeza ngokunxusa ukuba abantu bamvotele njengoba eqokiwe kulo mncintiswa­no.

Uthi uzizwa ehloniphek­ile ngokuqokwa nabantu aqokwe nabo kulo munxa kwazise uyabahloni­pha futhi abanye babo ubukela kubona. Uthembsie uqokwe kulo munxa nabalingis­i okubalwa kubo ulinda Sebezo, Rami Chuene, Moshidi Motshegwa nolesego Marakalla.

Uthi okumjabuli­sayo ngokuqokwa kwakhe wukuthi kulo nyaka ubungaza iminyaka engu-30 ekulo mkhakha wezokuling­isa.

Phakathi kwemidlalo aseke wabonakala kuyona kubalwa imadam and Eve, Rockville, Rhythm City nothi Abomzala kanti useke waqokwa nasemncint­iswaneni wesouth African Film and Television Awards emunxeni webest Supporting

Actress.

UTHANDA UKUNGENA NAKOWAMAHL­AYA

Uthembsie ushadile kanti ubusiswe ngezingane ezimbili, u-unathi (26) nomamosa (23). Uthi ngaphandle kokulingis­a, angathanda ukungena emkhakheni wamahlaya.

“Nakuba sengiwumun­tu ojwayele ukufunda bese ngiyalingi­sa, amahlaya ahlukile kodwa yinto engizimise­le ukuyiqala ngibone ukuthi ingangiseb­enzela yini,” kusho uthembsie.

Uthi uma ehluleka emahlayeni uyoziqhube­kela nokulingis­a okuyinto aseyejwaye­le.

Izingane zakhe nazo uthi sezike zamtshela ukuthi zinalo uthando lokungena emkhakheni wokulingis­a.

“Indodana yami, u-unathi, ifisa ukungena ekulingise­ni kanti umamosa yena unothando lomculo. Ngiyabesek­a emaphushen­i abanawo. Ngifuna bazimele, bangangeni ngegama lami kodwa bazakhele awabo amagama kulo mkhakha,” kuqhuba yena.

MAYELANA NOKWETHULA I-OPW

Nakuba engafunang­a ukuphumela obala ngokwethul­a uhlelo, i-our Perfect Wedding, okuke kwavela ukuthi angase abe ngumethuli wayo, ukucacisil­e ukuthi angakuthok­ozela ukwethula uhlelo lakumabona­kude.

“Angikaze kodwa angiboni ukuthi kungaba yinto elukhuni ukuyenza njengoba ngiwumuntu oke wasebenza emidlalwen­i yeshashala­zi lapho yonke into yenzeka ngaleso sikhathi,” kusho uthembsie.

Uveze ukuthi kunomkhank­aso azowenza nenkampani icell C.

“Nizowubona ngokuhamba kwesikhath­i, ngeke ngikwazi ukuphawula kakhulu ngawo,” kusho yena.

Ngenxa yokuthi bekukhona abebesalin­de ukuxoxa naye siphoqelek­e ukuba sisheshe siyigoqe ingxoxo yethu kodwa kungicacel­ile ukuthi ungumuntu okhululeki­le futhi okwaziyo ukunikeza abantu isikhathi sakhe.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? Langesonto. ?? UMLINGISI odumile othandwa ngabaningi emdlalweni owuchungec­hunge kamabonaku­de, ithe Queen, esakazwa kumzansi Magic 161, uveze izifiso zakhe engxoxweni ekhethekil­e abenayo NELANGA
Langesonto. UMLINGISI odumile othandwa ngabaningi emdlalweni owuchungec­hunge kamabonaku­de, ithe Queen, esakazwa kumzansi Magic 161, uveze izifiso zakhe engxoxweni ekhethekil­e abenayo NELANGA
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa