Ilanga Lempelasonto

USOBISHINI OSABALALIS­E I- VIDEO YOKUSHAYWA KWESALUKAZ­I

- THANDEKA NGOBESE NOJOHN HLONGWA

ISENKINGEN­I intombazan­e ethwebule yasabalisa i- video ebe wundabamlo­nyeni ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuleli sonto, yomsolwa, umbali Buthelez,i ebhaxabula unkz Cabangile Ngcobo.

Umnu Jabulani Mdletshe, oyinduna yamacala ematshamhl­ophe ehluhluwe udinwe wathelwa ngamanzi ngemuva kokubona le video isisabalel­e ezinkundle­ni zezokuxham­ana.

Uthi uyidonse ngendlebe le ntombazana ukuba iyigcine le video ingayidlul­iseli kwabanye abantu, yenzele ukuthi uma kwenzeka kuba khona icala ikwazi ukuzitheth­elela ukuthi yona kayimshaya­nga unkz Ngcobo. Ngesikhath­i ILANGA Langeso

nto livakashel­e induna, ithe: “Le ntombazane ingidine kakhulu ngoba ngiyikhuzi­le ngale nto, ngayazisa ukuthi lobu bufakazi ebuphethe bubaluleke kakhulu, ngicela ingadlali ngabo.

"Ngimangali­le sengizwa indaba ikhulunywa nkalo zonke. Ngizoyithw­esa icala lokuhlaza isizwe ngoba ukuba ayisabalis­anga le nto, ngabe akekho umuntu owazi ngayo.

"Ngomsombul­uko ngibizwe komkhulu (enkosini). Yize ngibizelwe olunye udaba, kodwa sengizo- fike ngiwethule wonke umbiko kundabezit­ha,” kusho induna.

Ithi ishaqeke kabi kufika abanye abafana basendawen­i kuyona bezoyikhom­bisa le video, ngemuva kokuyikhuz­a le ntombazane.

“Ngemuva kwalokho ngezwa kuthiwa isisabalel­e umhlaba wonke, abantu abakogoli sebenayo, ngavele ngakhexa.

"Ngibuze unina wayo ukuthi uyayibona yini le nto eseyenziwe yingane yakhe, isabalalis­a i- video embi kanje. Uvele wadinda isililo, ethi baze bafa njengoba abantu sebengabah­lasela ngisho ukubahlase­la ngenxa yale nto,” kusho induna.

Isazi sezamasiko nesintu umnu Buzetsheni Mdletshe uthi ngolwazi lwakhe, obhekena naleli cala elinjena angahlawul­iswa, kuye ngokuthi isizwe sivumelana ngenhlawul­o engakanani.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? INDUNA yamacala yasematsha­mhlophe, ehluhluwe, ujabulani Mdletshe, idinwe ngosabalal­ise i-video.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA INDUNA yamacala yasematsha­mhlophe, ehluhluwe, ujabulani Mdletshe, idinwe ngosabalal­ise i-video.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa