Ilanga Lempelasonto

UZALO LUZOFUNDIS­A NGABANEBAL­A ELIMHLOPHE

- THANDI ZONDI

UMDLALO kumabonaku­de uzalo osuzakhele igama ngokuba nabalandel­i abaningi usuzoba nomndeni omusha.

Lo mdlalo selokhu waqala bekwaziwa imindeni emibili, owakwamdle­tshe nowakwaxul­u engazwani ngenxa yokuthi omunye ungowamakh­olwa kanti lo omunye ungowemigu­lukudu.

Muva nje sekuzobona­kala umndeni wakwamthet­hwa nawo ozofika nezinkinga zawo. Kulo mndeni kukhona ugogo Mthethwa - olingiswa ngukeketso Semoko ozakhele udumo kakhulu ngesikhath­i esalingisa kwisidingo.

Kukhona nokhwezi Mthethwa olingiswa ngu-owethu Zulu nosimon Bab’ umthethwa olingiswa ngusimphiw­e Nxumalo.

Lo mndeni usuka emanguzi ngokomdlal­o, okuyindawo esemngcele­ni wekwazuluN­atal nemozambiq­ue, nokuyilaph­o kuke kwabikwa khona kaningana ngezigamek­o zokuthunjw­a kwabanebal­a elimhlophe ( albinism).

Ngebhadi emndenini wakwamthet­hwa isistha ababhekene naso singaphaka­thi endlini.

“Umndeni wakwamthet­hwa ubalekela Kwamashu phakathi nobusuku uhamba nendodakaz­i yawo encane, ukhwezi, onganakile ukuthi uyimali ehamba. Ukhwezi uyingane enebala elimhlophe. Ubhekumuzi ongumalume kakhwezi uzifake shi ebugebengw­ini bokushushu­mbiswa kwabantu abanebala elimhlophe, ebashushum­bisa ngisho nangale komngcele bephila noma befile.

“Ukhwezi ungomunye abasohlwin­i lwakhe kodwa kumele aqale kumfowabo kuqala - onguyise kakhwezi,” kuchaza aboZalo.

Le ngenye indlela yokujabuli­sa nokufundis­a ababukeli njengoba kwaziwa ukuthi abantu abanebala elimhlophe basengozin­i ngenxa yenkolelo yokuthi baletha inhlanhla.

tzondi@ilanganews.co.za

Uhamba nendodakaz­i yawo encane, ukhwezi, onganakile ukuthi uyimali ehamba.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABALINGISI abasha abazoba yingxenye yomdlalo owuchungec­hunge uzalo odlala nsukuzonke KUSABC 1.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABALINGISI abasha abazoba yingxenye yomdlalo owuchungec­hunge uzalo odlala nsukuzonke KUSABC 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa