UZALO LUZOFUNDISA NGABANEBALA ELIMHLOPHE
UMDLALO kumabonakude uzalo osuzakhele igama ngokuba nabalandeli abaningi usuzoba nomndeni omusha.
Lo mdlalo selokhu waqala bekwaziwa imindeni emibili, owakwamdletshe nowakwaxulu engazwani ngenxa yokuthi omunye ungowamakholwa kanti lo omunye ungowemigulukudu.
Muva nje sekuzobonakala umndeni wakwamthethwa nawo ozofika nezinkinga zawo. Kulo mndeni kukhona ugogo Mthethwa - olingiswa ngukeketso Semoko ozakhele udumo kakhulu ngesikhathi esalingisa kwisidingo.
Kukhona nokhwezi Mthethwa olingiswa ngu-owethu Zulu nosimon Bab’ umthethwa olingiswa ngusimphiwe Nxumalo.
Lo mndeni usuka emanguzi ngokomdlalo, okuyindawo esemngceleni wekwazuluNatal nemozambique, nokuyilapho kuke kwabikwa khona kaningana ngezigameko zokuthunjwa kwabanebala elimhlophe ( albinism).
Ngebhadi emndenini wakwamthethwa isistha ababhekene naso singaphakathi endlini.
“Umndeni wakwamthethwa ubalekela Kwamashu phakathi nobusuku uhamba nendodakazi yawo encane, ukhwezi, onganakile ukuthi uyimali ehamba. Ukhwezi uyingane enebala elimhlophe. Ubhekumuzi ongumalume kakhwezi uzifake shi ebugebengwini bokushushumbiswa kwabantu abanebala elimhlophe, ebashushumbisa ngisho nangale komngcele bephila noma befile.
“Ukhwezi ungomunye abasohlwini lwakhe kodwa kumele aqale kumfowabo kuqala - onguyise kakhwezi,” kuchaza aboZalo.
Le ngenye indlela yokujabulisa nokufundisa ababukeli njengoba kwaziwa ukuthi abantu abanebala elimhlophe basengozini ngenxa yenkolelo yokuthi baletha inhlanhla.
tzondi@ilanganews.co.za
Uhamba nendodakazi yawo encane, ukhwezi, onganakile ukuthi uyimali ehamba.