Zaze zabumbana iziteshi kwiBusiness Fair ZOWAKHA MBATHA
UBUMBANO nokwesekwa kweziteshi zomphakathi engikubone ngempelasonto edlule kunginikeze elikhulu ithemba ngekusasa lale misakazo Kwazulu-natal. Bengiziyela kwiNorth Region Durban Business Fair ebisenxanxatheleni yezitolo, ibridge City, enanda, njengesakhamuzi nje sasethekwini.
Lo wumbukiso wosomabhizinisi ohlelwa wumasipala wetheku, wokulekelela osomabhizinisi abasakhasa ngokubanika ithuba lokukhangisa ngemisebenzi yabo, behlonyiswa ngolwazi ezigcawini ezahlukene.
Ekufikeni kwami kule ndawo ngikhangwe yinguzanguza yetende njengoba nesimo sezulu besingesihle kahle. Ngaphakathi kulo bekugcwele izitendi ezahlukene zosomabhizinisi. Ngeke-ke sigxile kulokhu ngoba le ngosi ngeyezemisakazo.
Kuzo lezi zitendi ngithathwe wukubona ezemisakazo yomphakathi nebisakaza bukhoma kuyo le ndawo. Ngibone ikhosomba lembokodo FM, elenanda FM nelevibe FM. Nakuba kungezona lezi ziteshi kuphela zomphakathi ezikhona ethekwini kodwa yizona kuphela engizibonile futhi kanginalwazi lokuthi bekuvunyelwene ngani nomasipala.
Lokhu kungikhombise ukuthi imppela ikusasa likhona emisakazweni yomphakathi uma kuwukuthi nayo isiba yingxenye yezinhlelo ezinkulu kangaka. Ngithe noma sengikhuluma nabayisebenzelayo abebegcwele la kwacaca ukuthi kuyazwanwa kuziwe ngomsebenzi.
Omambana bebeze bachomelanengokuthi ngubani obukeka enza kangcono kunomunye. Ye madoda, yaze yayinhle into!
Bebezibusisa onkabi, kucaca ukuthi kukhona abeze ngokomsebenzi naba mbelayo nje bephelezela iziteshi zabo.
Ngazi kahle ukuthi le misakazo ihala ikhala ngokungesekwa yizinhlaka zikahulu meni, ngakho lokhu engikubonile kungiphenyele ikhasi elisha.
Ngithee noma sengixoxa nabo bangitshela ukuthi bebeyingxenye yayo le business fair nangesikhathi yenzelwe eningizimu yetheku emlazi emasontweni ambalwa edlule. Masethembe-ke ukuthi kakugcinanga nje ngokuba banikezwe ithuba lokuzikhhangisa kodwa umasipala wetheku ukufakille okuwonsumbulwana njengoba bengibezzwa bexoxisana nalabo somabhizinisi abbebezozikhangisa la. Kubiza imali phela ukkukhangisa emsakazweni.
Nakho phela ukuyoxhuma izintambo ungasakazeli ezindlini ezijwayelekile zokusakaza kubiza imali. Kungaba yinto ephoxayo-ke ukuthi kakukho lutho olutheni abaluzuzile oluyimali ngoba iyingxenye enkulu yezidingo zomsakazo.
Ngihleke ngaze ngabhuquza abembokodo FM bechomela ozakwabo ngokuthi yibo abanendawo enkulu yokusebenzela nedinga enkulu imali le nyanga zonke kodwa bayakwazi ukuyimela, kabavalwa ngoba sebehlulwa yirenti nakuba bengenabaxhasi abakhulu abazimele. Lokhu kupiklelana kwabo bekungenashevu kodwa kuhlekwa.
Ubumbano engilubonile sengathi lungahlala lukhona njalo ngoba kukaningi sizwa ukuthi onkabi kabazwani bebodwa nokwenza kubenzima uma sekumele bayoshela izikhungo zikahulumeni namabhizinisi azimele ukuze besekwe.
* Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha
Facebook: Zowakha Mbatha
Twitter: @Zowakha
zowakha@ilanganews.co.za