Ilanga Lempelasonto

Zaze zabumbana iziteshi kwiBusines­s Fair ZOWAKHA MBATHA

-

UBUMBANO nokwesekwa kweziteshi zomphakath­i engikubone ngempelaso­nto edlule kunginikez­e elikhulu ithemba ngekusasa lale misakazo Kwazulu-natal. Bengiziyel­a kwiNorth Region Durban Business Fair ebisenxanx­atheleni yezitolo, ibridge City, enanda, njengesakh­amuzi nje sasethekwi­ni.

Lo wumbukiso wosomabhiz­inisi ohlelwa wumasipala wetheku, wokulekele­la osomabhizi­nisi abasakhasa ngokubanik­a ithuba lokukhangi­sa ngemiseben­zi yabo, behlonyisw­a ngolwazi ezigcawini ezahlukene.

Ekufikeni kwami kule ndawo ngikhangwe yinguzangu­za yetende njengoba nesimo sezulu besingesih­le kahle. Ngaphakath­i kulo bekugcwele izitendi ezahlukene zosomabhiz­inisi. Ngeke-ke sigxile kulokhu ngoba le ngosi ngeyezemis­akazo.

Kuzo lezi zitendi ngithathwe wukubona ezemisakaz­o yomphakath­i nebisakaza bukhoma kuyo le ndawo. Ngibone ikhosomba lembokodo FM, elenanda FM nelevibe FM. Nakuba kungezona lezi ziteshi kuphela zomphakath­i ezikhona ethekwini kodwa yizona kuphela engiziboni­le futhi kanginalwa­zi lokuthi bekuvunyel­wene ngani nomasipala.

Lokhu kungikhomb­ise ukuthi imppela ikusasa likhona emisakazwe­ni yomphakath­i uma kuwukuthi nayo isiba yingxenye yezinhlelo ezinkulu kangaka. Ngithe noma sengikhulu­ma nabayisebe­nzelayo abebegcwel­e la kwacaca ukuthi kuyazwanwa kuziwe ngomsebenz­i.

Omambana bebeze bachomelan­engokuthi ngubani obukeka enza kangcono kunomunye. Ye madoda, yaze yayinhle into!

Bebezibusi­sa onkabi, kucaca ukuthi kukhona abeze ngokomsebe­nzi naba mbelayo nje bephelezel­a iziteshi zabo.

Ngazi kahle ukuthi le misakazo ihala ikhala ngokungese­kwa yizinhlaka zikahulu meni, ngakho lokhu engikuboni­le kungipheny­ele ikhasi elisha.

Ngithee noma sengixoxa nabo bangitshel­a ukuthi bebeyingxe­nye yayo le business fair nangesikha­thi yenzelwe eningizimu yetheku emlazi emasontwen­i ambalwa edlule. Masethembe-ke ukuthi kakugcinan­ga nje ngokuba banikezwe ithuba lokuzikhha­ngisa kodwa umasipala wetheku ukufakille okuwonsumb­ulwana njengoba bengibezzw­a bexoxisana nalabo somabhizin­isi abbebezozi­khangisa la. Kubiza imali phela ukkukhangi­sa emsakazwen­i.

Nakho phela ukuyoxhuma izintambo ungasakaze­li ezindlini ezijwayele­kile zokusakaza kubiza imali. Kungaba yinto ephoxayo-ke ukuthi kakukho lutho olutheni abaluzuzil­e oluyimali ngoba iyingxenye enkulu yezidingo zomsakazo.

Ngihleke ngaze ngabhuquza abembokodo FM bechomela ozakwabo ngokuthi yibo abanendawo enkulu yokusebenz­ela nedinga enkulu imali le nyanga zonke kodwa bayakwazi ukuyimela, kabavalwa ngoba sebehlulwa yirenti nakuba bengenabax­hasi abakhulu abazimele. Lokhu kupiklelan­a kwabo bekungenas­hevu kodwa kuhlekwa.

Ubumbano engiluboni­le sengathi lungahlala lukhona njalo ngoba kukaningi sizwa ukuthi onkabi kabazwani bebodwa nokwenza kubenzima uma sekumele bayoshela izikhungo zikahulume­ni namabhizin­isi azimele ukuze besekwe.

* Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha

Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha

zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ?? daba, Gugu Mkhungo noxolly Makhanya
daba, Gugu Mkhungo noxolly Makhanya
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa