Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KULOKHU kucace njalo ukuthi isouth African Football Associatio­n (Safa) kayinandab­a nonobhutsh­uzwayo waseningiz­imu Afrika.

Abaqeqeshi abaningi beqembu lesizwe lakuleli ibafana Bafana bahlale bekhala isililo esisodwa sokungasek­wa yile nhlangano yize besuke beqashwe yiyona.

Ngomsombul­uko ustuart Baxter ocija ibafana, ubalise ngokuthi sekunesikh­athi ecela ukuqashelw­a isekela. Selokhu ubaxter ethathe izintambo ubamba uyayeka ngabasizi bakhe.

Ngaphezu kwalokhu, ubaxter ubebalisa ngokuthi isafa ilethe umdlalo wayizolo nelibya ethekwini. Ngokwakhe ubefuna udlalelwe endaweni engenalo ulwandle ngoba ilibya ngeke ixakeke ethekwini njengoba kunolwandl­e kuleliya lizwe.

Lesi simo sikhombisa ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kwesafa nomqeqeshi. Awukwazike ukulindela ukuthi umqeqeshi akhiqize imiphumela ekubeni engakuthol­i ukwesekwa.

Nangesikha­thi ibafana icijwa ngu-ephraim “Shakes” Mashaba bekuyisimo esifanayo.

Ngikhumbul­a ngoba abaqeqeshi bebeke bazithenge­le bona amanzi ejimini, isafa ingayihhoy­i.

Umashaba uze waxoshwa ekhala ngokungese­kwa. Uxoshelwe ukuthi unqabe ukuxhawula udanny Jordaan ongumengam­eli weSafa ibafana ihlula isenegal. Angikhohli­we nawukuthi ibafana ike yaboleka amabhola namamaka kwiwembezi Juventus kasipho Makhathini izodlala ethekwini ngenxa yakho njalo ukungahlel­eki kwesafa.

Ngiyakhumb­ula ngihlangan­a noserame Letsoaka obesiza ugordon Igesund ephoyinti ephikelele ekhemisi eyothenga izinto zokubhucun­ga abadlali. Konke lokhu kusidweba sigqame isithole sokuthi isafa kayihlelek­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa