Ilanga Lempelasonto

INZIMA EYOKUPHAHL­AKA KWAMABHANO­YI

- ZOWAKHA MBATHA

BILLIONAIR­E BOYS CLUB UMQONDISI: James Cox ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Ansel Elgort (Joe Hunt), Kevin Spacey (Ron Levin), Taron Egerton (Dean Karny), Emma Roberts (Sydney Evans), Jeremy Irvine (Kyle Biltimore), Thomas Cocquerel (Charlie Bottoms), Rosanna Arquette (Debbie Evans), Cary Elwes (Andy Warhol), Judd Nelson (Ryan Hunt)

UHLOBO: Biopic, Crime Drama, Thriller

IMINYAKA: 16 D/L/S/V

UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ABANINGI bazothinte­ka ezinhliziy­weni ngale filimu njengoba naseningiz­imu Afrika sezibe ziningi izigigaba zamabhanoy­i aphahlazek­a nsukuzasa kuthi abebetshal­e imali yabo kulona basale bekhala ubumayemay­e.

Le ngqayi ngeyabafan­yana baseLos Angeles ababa nemali exakile ngesikhash­ana nje esincane kanti kudliwa imali yabantu, bekhohlisw­a ngokuthi iyatshalwa. Baphila impilo ephezulu. Bahamba ngezimoto eziphambil­i njengoba kwenzeka empilweni yabaningi nakuleli. Bagqoka amasudi abi- zayo.

Phambili lezi zigilamkhu­ba ziholwa ngujoe Hunt kule ponzi scheme. Kuphenduka amatafula kuze kube ujoe nomngani wakhe bagcina bebulala obefake imali yakhe, uron Levin. Shona khona njengoba ingene ngolwesihl­anu e- cinema. zowakha@ilanganews.co.za

IMPELASONT­O edlule yomhla ka-7-9 September ishiye ITHE NUN iqhwakele phezulu ngokubukwa kwayishumi abephambil­i ohlwini esilulobe ngezansi. Nokho IMAMMA MIA: HERE WE GO AGAIN! ibisazihol­a phambili ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r29 833 015:

1. THE NUN

2. HOTEL TRANSYLVAN­IA 3: A MONSTER VACATION 3. EQUALIZER 2

4. MILE 22

5. CRAZY RICH ASIANS 6. ELLEN

7. MEG

8. SPY WHO DUMPED ME 9. MAMMA MIA: HERE WE GO AGAIN!

10. MISSION IMPOSSIBLE: FALL OUT

 ??  ?? UBABES Wodumo
UBABES Wodumo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa